IZIHLABANI zomculo, uBabo Ngcobo noKhuzani Mpungose, zizochonywa uphaphe lwegwalagwala Masiqoqane Durban July Maskandi Festival, eDurban Station, eThekwini kusasa, kusukela ngo-6 ebusuku.
Labo saziwayo bazothulelwa isigqoko yinhlangano eqwashisa ngokubulawa nokuhlukunyezwa kwabantu abanebala elimhlophe kuleli, yiMasiqoqane Albinism Foundation, ngenxa yeqhaza labo emikhankasweni yayo.
Usihlalo futhi ongumsunguli wale nhlangano, u-Andile "MC Pholobas" Ngcobo, uthe uthathe isinqumo sokwethulela isigqoko labo saziwayo ngenxa yokukholelwa kwakhe ekubongeni abantu abanamagalelo kwinhlalakahle yomphakathi besaphila.
"Likhulu kakhulu iqhaza abalibambile ekufukuleni impilo yabantu abanebala elimhlophe. Yebo, bangabantu abaziwayo kodwa kimi bafana nabafowethu. Babambe elikhulu iqhaza empumelelweni yeMasiqoqane Albinism Foundation. Ngaphandle kosizo lwabo ngabe asikho kuleli zinga esesikulo." U-MC Pholobas unxuse nabanye osaziwayo nosomabhizinisi ukuba baphonse itshe esivivaneni ekulekeleleni nasekufukuleni abantu abanebala elimhlophe emhlabeni jikelele. "Sisafuna ukubona abantu abanebala elimhlophe benikezwa amathuba emisakazweni, eziteshini zethelevishini, eminyangweni kahulumeni nakweminye imikhakha. Asingadatshukelwa futhi asingavalelwa ngaphandle ngenxa yebala lethu kodwa asinikezwe amathuba alinganayo," kusho uMC Pholobas weSiyaviva TV 1 neMasiqoqane Online Radio.
UBabo, osanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi Imvuselelo Yesikhathi (Uhambo Three) uthe ukujabulele okwenziwa yiMasiqoqane Albinism Foundation kuye. Nakuba kunjalo uthe abekwenzela iMasiqoqane ubesuke engabheke nzuzo kodwa kusuke kuphuma enhliziyweni yakhe.
"Abantu abanebala elimhlophe nabanokukhubazeka abahluke ngalutho kwabanye abantu. Yingakho ngihlale ngibeseka kwabakwenzayo," kusho lo mculi oshisa izikhotha ngengoma ethi Ngakubon' Usuthi Gqi. Emcimbini, okuzoze kuse emnyango, kuzobe kushiyelana inkundla uBabo, Khuzani, Zakwe, Duncan, Dr Bone, Amageza Amahle, Amavikelambuso, Gadla Nxumalo, Bahubhe, Ithwasa Lekhansela, Mfiliseni Magubane, Qhoshangokwenzakwakhe, Sanda Magubane, AmaYellowbone, Udidi Olumashoba, Mashosha nabanye. Kuyoze kuse emnyango abaculi befakwa bekhishwa nguMC Pholobas, uLinda Sibiya noMagembe beMvula 98.5 FM. Izithameli zizongena esangweni ngoR80 nangoR350, lezo ezifuna ukuhlala nezicukuthwane.