BAYANDA osaziwayo besifazane abasebenzisa amalungelo abo ngemizimba yabo njengoba iningi kulezi zinsuku ligabisa ngokuzethemba nokuzithanda ngendlela elizizwa ngayo.
Muva nje u-Mbalenhle " Enhle" Mlotshwa owayeshade noBlack Coffee unameke isithombe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana eshaya ngembungculu ekhanda, eqimbile ngenhla efihle amabele ngezingalo, sakufihla amabele. Ukubeke kwacaca ukuthi uyena uqobo lwakhe lokhu abantu abalubonayo maqede wazithakazela njengentokazi yomTswana.
" Kusukela ekuqaleni impilo yami ayikakaze yaba lula kodwa noma kunjalo ngikwembatha njengomusa. Ngiyimi, ngiyinzalo yowesifazane onamandla," kusho u-Enhle. Izimo eziningi adlule kuzo uveze ukuthi zimshiye nesifundo empilweni. Selokhu enameke lesi sithombe abantu abaningi bachazekile kanti sebengaphezulu kuka-63 000 abakhombise uthando kuye.
Ngaphandle kwakhe nomunye wezintokazi ezondlekile ngomzimba uThickleeyonce unameke isithombe esemanzini izingono zamabele zihleli obala. Lokhu uThickleeyonce ukubize ngobuciko nokwenze wathola izincomo ngokuzethemba ngomzimba wakhe.
Ngaphandle kwalaba kuzokhumbuleka ukuthi nangesonto eledlule uSbahle Mpisane wathatha abaningi eqopha ivideo ebhushuzela, ezinye izingxenye zomzimba zinamekwe ngamathephu amnyama. Naye ngokunjalo waveza ukuthi umzimba wakhe ukhombisa izinhlobo zobuciko ezahlukene njengoba kukhona ama-tattoo, iziphaqulo kanjalo nayefihle ngakho izitho zangasese.
Ngesikhathi abanye osaziwayo benza lokhu okubalwa uZodwa Wabantu, Khanyi Mbau, Kelly Khumalo kwakukhona ukushaya amakhala kubantu abaningi bekubona njengehlazo. Muva nje iningi labantu selikuthatha njengento emqoka kulaba abayenzayo futhi bayabeseka. UKhanyi watshela leli phephandaba eminyakeni eyedlule ukuthi iningi labantu lihlala limgxeka uma enza izinto ngomzimba wakhe kodwa ngokuhamba kwesikhathi babuye bakujwayele uma sebekubona kuya ngokwanda kwenziwa nabanye.