UNYELWE yinyoni esandleni umlingisi wemidlalo yeshashalazi uSibusiso Sithole (37) othole indawo ephambili emdlalweni omusha owuchungechunge, Isiphetho: Destiny, kwi-e.tv.
USibusiso odabuka kwaC eSouthgate, eFolweni, KwaZulu-Natal, uthe kungokokuqala ethola indawo enkulu nephambili emidlalweni yethelevishini, njengoba ebengumuntu ogxile kweyeshashalazi.
Uthe njengoba kuyinto okudala eyifisa ukudlala indawo egqamile emidlalweni emikhulu, ubona ukuthi sekufike isikhathi.
“Nangesikhathi ngiya kwinhlolokhono yeBlack Brain ebiseBat Centre yalo mdlalo, benginomuzwa wokuthi ngizothathwa engingazi ubudalwa yini ngoba sekukaningi ngiya kwinhlokhono kungahambi kahle. Noma benginalowo muzwa kodwa bengingazitsheli ukuthi ngingathathwa ukudlala indawo ephambili kaNkosana kulo mdlalo kaMandla N. Okunye okuphinde kungijabulise ukuthola ithuba lokusebenza noMandla N, okunguphrojusa okudala ngifisa ukusebenza naye,” kusho uSibusiso.
Lo mlingisi uthe kudala ezama emkhakheni wokulingisa kodwa ubona ukuthi sekufike isikhathi sokuvelela kwakhe.
Uthe waqala eqopha amafilimu amancane ayezenzela wona awadayise wagcina esengena ohlelweni olubuzwa nge-AIMPRO lokuqeqesha abalingisi eKCap. Ephothula lolu hlelo uthe ugcine eselingisa kwiNandi The Musical wadlala nakwi-Azania okungumdlalo weshashalazi kaXola Nzimande. Uthe wake walingisa nasemdlalweni weshashalazi iZabalaza owawukhonjiswa eMarket Theatre.
Uthathwa nje kwiSiphetho: Destiny ubenza umsebenzi wokuqeqesha abalingisi eKCap ngaphansi kuka-Edmund Mhlongo.
Uthe bekungelula kodwa uma ithuba lifika ulilungele konke kuyenzeka. Ngalokho uthe unxusa ukuthi abangakalitholi ithuba babekezele kodwa bebe belilungela uma lifika.
Uveze ukuthi uyabonga nakwiBlack Brain ukuthi imethembe ngale ndawo enkulu kangaka futhi unethemba lokuthi abantu bazoyithokozela.
Lo mdlalo uqala ngo-Ephreli 8 futhi uzokhonjiswa phakathi nezinsuku ngo-6:30 ntambama.