UMLINGISI wodumo kwiSibaya, uBheki Mkhwane, uyingxenye yabalingisi abasha bomdlalo weshashalazi okhuza ibuya osihloko sithi Bopha!. UBheki obelingisa indawo kasomatekisi uSamson Ndlovu kwiSibaya, uzobonakala noTerrence Ngwila noTshallo Chokwe kulo mdlalo kaPercy Mtwa.
Sekuwumlando ukuthi Isibaya sisongiwe kuMzansi Magic kwathi indawo yaso yavalwa iDiep City. UMtwa ongumqondisi womdlalo, uthe umyalezo usafanele ukudluliselwa kubantu namanje ngoba isikhathi asikakashintshi futhi kusenzeka, okwakwenzeka kudala.
“ Njengoba umyalezo wawubhekiswe emaphoyiseni ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo, ngokuhlukunyezwa kwabantu abamnyama, namanje zisenzeka izigameko zokuhlukunyezwa kwabamnyama ngamaphoyisa. Isihluku esenzeka eMarikana kubulawa abantu ngamaphoyisa, singesinye sezibonelo zokuthi amaphoyisa asenesihluku asibhekise kubantu abamnyama,” kusho uMtwa.
UMtwa uthe bazoqala kusasa ukuzilungiselela lo mdlalo okulindeleke ukuthi uye nakwezinye izifundazwe. Phambilini umdlalo wavakashela emazweni ahlukene njengoSwaziland, Scotland, England, USA nase-Australia. IBopha! ike yahlabana ngezindondo kwiDrama Critic Circle Awards, eyeBest Play, Best Director neBest Actor kwiLos Angeles International Festival ngo-1987.
Ngo-1993 yaphendulwa ifilimu yaseHollywood, eyayiqondiswa wumlingisi wamafilimu waseMelika, uMorgan Freeman.