UTUSA ukuhloniphana njengento eyenza basebenze kahle uMahoota ogubha iminyaka engu-20 esebenza ngokubambisana noVetkuk.
UZynne "Mahoota" Sibika noJotham "Vetkuk" Mbuyisa, baqala ukusebenza ngokuhlanganyela bedijeya bekhipha nomculo.
"Ukubekezela, ukuhloniphana, ukuthandana nokuthandaza yikho okusibeke lapho sikhona," kusho uMahoota.
"Akukhona ukuthi singcono kodwa kungumusa kaNkulunkulu ngoba siyakholwa kakhulu futhi siyathandana."
UMahoota uqhube wathi ukuhlala behambisana nezikhathi kungenye yezinto ezibenza bangaphuphi.
"Sihlala sisemgwaqweni sibheka ukuthi yini edlisayo ngaleso sikhathi. Siyazi ukuthi uma uphuma eGoli mhlawumbe uya eWestern Cape, amaPiano awadumile kakhulu iGqom' yilo elidlisayo khona. Kubalulekile ukuhamba ukuze uqonde ukuthi abantu bathandani. Thina siyiqembu elenza umculo womdanso elingazikalele ukuthi lenza uhlobo lomculo owodwa. Uzosithola senza i-hip hop, i-kwaito, igqom noma yini inqobo nje uma kuwumculo womdanso. Yingakho sihlale sisematheni ngoba sigibela isitimela esihambayo."
Uthe kuyimanje ingoma yabo yakamuva iHa Omorata eshaya ngesigqi samapiano ngeyabantu abasha. Kuyona bapike uMr JazziQ, Mpura, Lady Du, FakeLove, Kevi Kev, Mellow noSleazy.
Uveze ukuthi yendlalela i-albhamu abahlela ukuyikhipha kulo nyaka ukugubha ngayo iminyaka bendawonye.
Uthe umgubho bawenza nasemcimbini wabo iSA Music Carnival ohambela izindawo ezehlukene.
"Umcimbi ukhombisa umculo waseNingizimu Afrika sihambele izindawo ezehlukene. Sesiyile eGoli, Bloemfontein naseMpumalanga."
Kusasa bazobe beseViews at Twenty5 eThekwini bese beba naseYadini Lounge eMlaza ngoMsombuluko.