UZODWA Wabantu usephonsele umphakathi inselelo ngokuthi wamukele umsebenzi wokuqwayiza ngoba abawenzayo basuke besebenza. UZodwa Wabantu ukhulume kanje emuva kokuvela emdlalweni wethelevishini osihloko sithi The Black Door. Uthe yena uyilokhu ayikho ngenxa yokunikezwa ithuba ngabenza lo msebenzi.
"Laba bantu besifazane nemisebenzi yabo, bangivulela umnyango. Manje sengaziwa njengomdansi ngenxa yokuthi ucansi luyadayisa. Nami ngidayisa umzimba wami."
Uthe abantu kufanele bazi ngokuthi kunempilo etholwa ngobunqunu nenkululeko.
"Wumhlaba omuhle okungekho noyedwa umuntu ofuna ukukhuluma ngawo. Izindaba lezi okumele sizikhulume. Ziyenzeka futhi zikhona kodwa abantu bayaziziba ekubeni abayeni benu namasoka enu bahlale beya kuzo."
Uthe akufanele abantu bazinyeze ngokuqwayiza ngoba kubambe elikhulu iqhaza. "Ayikho nenci into okufanele ifikisele ngamahloni ngoba bondla imindeni yabo. Imboni yokuhweba ngocansi inkulu futhi iyaphilisa," kusasho uZodwa owathusa abaningi edalula ukuthi ulala nanoma yinini nomculi weBlack Motion. KwiThe Black Door udlala indawo ekhuluma ngaye.
Ulincome ithimba labadidiyeli nenkampani eqopha lo mdlalo ngenxa yokuthi ukhuluma ngento eyenzeka ngempela. UZodwa waqala ukuduma ezinkundleni zokuxhumana ngokudansa eYadini engadilozile ngaphambi kokuba wusaziwayo onohlelo olukhuluma ngempilo yakhe futhi usevela nakuma-video abaculi. Unoxhaxha lwamabhizinisi futhi ubuye abe yinxusa lemikhiqizo eminingi.
Lo mdlalo ogxile eziqeshini zocansi usakazwa kwi-e.tv ngemiSombuluko nangoLwezihlanu ngo-9.30 ebusuku. Abanye abalingisi ababoshelwe kuwona kubalwa uZamani Mbatha, Linda Sebezo, Thuli Zulu, Gabisile noThobani Nzuza. Nakuba usasakazwe kabili kodwa abantu sebeqalile ukudingida ngawo ezinkundleni zokuxhumana. Bahlukene phakathi. Abanye bayawuncoma, abanye bakhala ngokuthi uzoqeda isimilo ebantwini.