UBHODLA umlilo umculi weGqom’ uBabes Wodumo osolwa ngumamezala ngokusenga ezimithiyo ngokuthi uzithwele.
Le ntokazi yaseLamontville eThekwini ogama layo langempela uBongekile Simelane, ithi ngeke ivume ukuhlanjalazwa kanje, ngakho izovulela umamezala icala.
Ekhuluma nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iDaily News ngoLwesibili, uBabes uthe uyibonile le video enezinsolo ezishaqisayo ngaye kaNksz Zama Gumede, ongunina kaMampintsha.
“Ngikhulelwe, ethanda noma engathandi. Uma enenkinga nalokho angihlangene. Ngiphatheke kabi ngalento. Ngiyazi ukuthi akumele sizinake izinto azikhulumayo uma edakiwe kodwa kulokhu wedlulele. Ngizomvulela icala. Ngifuna ageze igama lami,” kusho uBabes.
Kule video egcwale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili unina kaMampintsha uthi uBabes wathi ukhulelwe amawele kodwa nanamhlanje akakawazali. Uqhube wamsola ngokuthi ufake izipontshi esiswini ngoba efuna kuthiwe uzithwele.
UBabes ukuqinisekisile ukuthi uzithwele futhi ujabule kodwa ngeke asho ukuthi unezinyanga ezingaki. Umthombo othembekile uthe unezinyanga eziyisithupha ezithwele.
Kuthiwa uNksz Gumede wazama ukuphazamisa umshado ngoMgqibelo kodwa wehluleka.
“Wafika edakiwe emshadweni efuna izinto. Angazi mina lo mama ukuthi ufunani ngoba akazange amkhulise uMampintsha. UMampintsha wakhuliswa ugogo wakhe, angazi kungani esengifaka kwipolitiki yakwakhe, bekungewona umsebenzi wami ukumazisa ngomshado. Ngibuhlungu ngalento (ayikhuluma kwivideo) futhi ngeke ngiyiyeke idlule. Ngifuna ukumkhombisa ukuthi ngingowaseLamonti, ngizombophisa,” kusho uBabes.
Uqhube wathi unina kaMampintsha wayazisiwe ngomshado futhi akukho okuthinta isiko angakwenzanga njengomakoti wakwakhe ngoba ubefuna ukuhlanganisa imindeni yabo ngalo mshado.
UBabes noMampintsha babophe ifindo lika sofa silahlane ngempelasonto. Umshado wabo wesintu obuseBallito ubuhanjelwe osaziwayo, umndeni kanye nabangani.
Laba culi baveza ngo-Okthoba nyakenye kwivideo eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sebethembisene umshado.