INTANDOKAZI yezinhle lozethelevishini, uSomizi Mhlongo, itshele indodakazi yayo ukuthi ngabe ingunina wabantwana abane, ukube yakhuliswa nguye.
USomizi ubephendula umbuzo wabasakazi bohlelo lwasekuseni kwiRadio 2000, mayelana nobunzima bokukhulisa ingane yentombazane, ekubeni uyindoda.
Ijaji lama-Idols SA litusa magalelo kanina kaBahume, uPalesa Madisakwane.
Uphendule kanje uSomizi: "Umuntu engimethulela isigqoko ngunina wakhe ngoba ukube wakhuliswa yimi, ngabe unezingane ezine njengamanje. Yimi obuthakathaka."
Uchaze uPalesa njengomzali oqinisa isitilobho ebantwaneni. Wathi uke ahambise uBahumi kunina kodwa ngokuphazima kwesouthola ucingo luvela kuBahume, ethiunina uyabhoka uyakhahlela endlini.
"Usuke efuna ukwazi ukuthi ulethweyimi ngempela yini."
Ukhuluma kanjena njeuBahumi usanda kunyelwa yinyoni esandleni ngoba engomunye wabalingisi bomdlalo omusha osihloko sithi Grown Woman.
Kulo mdlalo ozoqala ukukhonjiswa kwi-1 Magic kusukela ngoFebhuwari3, uBahumi uzobe elingisa nezinkakha, okubalwa kuzouBonang Moeko, Nandi Nyembe, Linda Sokhulu noHlubi Mboya.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi iGrown Woman ikhuluma ngowesifazane onguTina Hlatshwayo (Linda) oshonelwa yindoda enguSbu, abeseshade naye iminyaka engu-25.
Emuva kwalokho uTina ugcina esehlangana nebhungu elibaba ha ,uRakwena, elimfikisa kuleli zinga ayekade elilangazelele kwezothando.
Nakuba uSomizi edalule ukuthi uzobuyela emsakazweni kodwa ubuyewashaya ingqimphothwe esephekwa yiSolezwe ngemibuzo, wathi ubezincokolela.