LUBUYE ngelikhulu isasasa uhlelo lwethelevishini iHave Faith S5, oluqale ukukhonjiswa izolo kwiDStv ngo:9.30 ebusuku kwi-chanel 130.
Lolu hlelo luphathelene nempilo yentokazi esencane eyaziwa kwezokungcebeleka, uFaith Nketsi Njilo. Isiqephu sokuqala se-S5 sithinte abaningi uFaith ekhuluma ngesilkhathi abhekene naso engumama osemncane futhi eyinkosikazi yekhaya.
UFaith yize engazange azidalule zonke izindaba zakhe kodwa ukhulume sakugonyuluka ngokwenzeka empilweni yakhe, okubalwa nasemshadweni.
Lokhu kwenzeka emuva kwezinsolo eziningi ezike zasabalala ezinkundleni zokuxhumana, kusolwa ukuthi akumhambeli kahle emshadweni wakhe.
Echaza ngokwenzeka kamuva empilweni yakhe, uFaith uveze ukuthi kumfikisela amahloni ukubheda kwezinto, okwenza abone kungcono ukuyogoba amadlangala ekhaya kubo.
UFaith akazange alibeke ngembaba elokuthi ushiye umendo kodwa iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana, okubalwa nekhasi lakhe le-Instagram kuzwakale sengathi kuphelile.
Iningi labantu lizwelane naye uFaith njengoba engomunye wosaziwayo abathandwayo nomndeni wakhe.
"Angikholwa wukuthi kuphelile ngomshado wakhe," kusho uLeeratow.
" I-Have Faith yile nto esiyibiza ngohlelo lwangempela. Ntombazane usithatha usibeke," kusho uBindo_riah1.
" Nami sengize ngiyakhala," kusho uFossette.
Lolu hlelo luphethe uFaith eyoxoxa nommeli, okulindeleke ukuthi ziqhubeke iziqephu ezilandelayo.