MBALI KHANYILE
UMLUNGISI weMbewu; The Seed uPhindile Gwala obesobishini ngokushaya isitshudeni saseMgungundlovu eCubana ngeledlule, ugcine ethelelene amanzi nale ntokazi ehoxise icala emvulele lona.
Lo mlingisi nale ntokazi uNompilo Mkhize ( 23), kuthiwa bagcine ngokuthi bawahoxise bobabili amacala abavulelana wona ngobusuku abahilizisana ngabo kule ndawo yobumnandi.
Esitatimendini salo mlingisi ku-Instagram, uveze ukuthi yena noNompilo kanjalo nomndeni walesi sitshudeni, bagcine ngokuthi bathathe isinqumo sokuthi bakhumelane umlotha.
“Ezinsukwini ezedlule abantu bakuleli bazwakalise imizwa yabo ngesigameko esingesihle esimbandakanya mina noNompilo. Ngalokho ngabe ngenza iphutha uma ngingayibongi imizwa yabo eyakhayo, nangendlela engesekwe ngayo ngesikhathi kwenzeka lesi sehlo. Ngidlulisa ukubonga nakuNompilo nomndeni wakhe,” kubeka lo mlingisi.
Uthe yize kube khona ukuphambana kwemimoya phakathi kwabo, umoya wobumbano nokuzwana, yiwo oholele ekutheni bathelelane amanzi.
“Angizogxila kakhulu odabeni lokuthathelana izinyathelo zomthetho kodwa umoya wokubuyisana yiwo osiholele ekutheni sinqume ukuhoxisa amacala ebesivulelene wona. Sesivule ikhasi elisha manje empilweni yethu. Ngiyathemba ukuthi ngokwesekwa ngabantu bakuleli, sizokwazi ukudlula kulesi simo sobabili,” kuqhuba yena.
Uthe ufisela uNompilo konke okuhle empilweni nasezifundweni zakhe.
UNompilo ekhasini lakhe kuFacebook, utshele abangani bakhe ukuthi uPhindile uxolisile wabe esethenga nomakhalekhukhwini omusha.
Abanye abantu abebephawula kuleli khasi, bebengayizwisisi eyokuxola kwalesi sitshudeni.
Abanye babo bebekhala ngokubhalwe esitatimendeni, bethi akukhombisi ukuthi uyazisola uPhindile ngakwenzile.
UPhindile obeseCubana nabangani bakhe ngempelasonto, kubikwa ukuthi waqonda ngqo kuNompilo owayematasa eshutha izithombe ngomakhalekhukhwini wakhe owawubheke ngakubona (kuPhindile nabangani).
Lo mlingisi okuthiwa wayediniwe, wafike wahlwitha lesi sitshudeni umakhalekhukhwini waso wawuphahlaza phansi, ngaphambi kokuthi asiklwebhe ebusweni.
UNompilo wavulela uPhindile icala lokumshaya ngenhloso yokumlimaza nelokuphahlaza umakhalekhukhwini wakhe.