SEKUVELE izindaba zokuthi sekuphelile ngothando obelivutha amalangabi phakathi kukaPrince Kaybee noZola ZeeLovin.
Lokhu kugqame ngempelasonto edlule emgubhweni wendodana yalabo saziwayo ebihlanganisa unyaka yazalwa.
Kulo mcimbi okungaqondakali ukuthi ubukephi, akabonakalanga nangokhalo uPrince Kaybee nokwenza zaqina izinsolo zokuthi abasathandani noZola.
Ekhasini likaZola Zeelovin ku-Instagram azisekho ngisho nezithombe zabo bendawonye njengoba bebehlala bezinameka begonene. KwelikaPrince Kaybee kusele isithombe esisodwa bendawonye noZola Zeelovin.
Kuleli sonto uPrince Kaybee uphinde wazibhebhethekisa kakhulu lezi zinsolo ngesikhathi ebhala ekhasini lakhe kwiTwitter ukuthi, “Yisikhathi ‘esingelula’ sokuzithiba.” Lokhu kwenze abalandeli bakhe baqondanise ukuthi uzisho yena nokuthi ngempela sebehlukene noZola ngoba ubengaqali ukuphawula ngezinto ezithinta ezobudlelwano.
Ephendula umyalezo awuthunyelelwe mayelana nalokhu uPrince Kaybee ushaye ngamafuphi wathi: “Sisendawonye”.
Akafunanga ukuphendula uma ebuzwa ukuthipho ubekhuluma ngani ezinkundleni zokuxhumana.
Ethintwa uZola akafunanga ukuvuma noma ukuphika njengoba umyalezo ubutshengisa ukuthi ufundiwe kodwa wangawuphendula.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule uPrince Kaybee waba sematheni emuva kokuvela kowesifazane owayethi lo mculi wamthumelela izithombe zobuntu bakhe.
Yize kunjalo kodwa uthando lwabo luqhubekile baze bathola indodana emva kwalesi sigameko. Kweminye imithombo yezindaba nyakenye uPrince Kaybee uveze ukuthi kumnandi ukujola noZola Zeelovin ngoba bayafana naye ngokuzifela ngocansi.