AMAGALELO engqalabutho yombhali wezincwadi eyayidume umhlaba wonke, uSolwazi Mazisi Kunene, azoqhakanjiswa emcimbini wokuyihlonipha eHoward College Theatre, e-UKZN, ngoLwesihlanu.
Isifundo sesibili ngale ngwazi sizokwethulwa wuSolwazi Zodwa Motsa-Maqikane onguMqondisi-Jikelele ophikweni lwezobuHoli noGuquko e-Unisa.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabemithombo yezindaba, inkulumo kaSolwazi Motsa-Maqikane izobe igxile esihlokweni esithi "Emasisweni Kusekhaya." Lesi sifundo siyingxenye yeFestivali yezinkondlo zase-Afrika ka-2022.
Imbangela ngokuhlonishwa kukaSolwazi Kunene ukuba kwakhe yingqwele emkhakheni wemibhalo yesiZulu nokugcinwa kwaso.
"Kusukela ebusheni bakhe, wayebhala izinkondlo ngolimi lwesiZulu, abuye azihumushele esiNgisini nakwezinye izilimi. Ngo-1993 iyi-United Nations Educational, Scientific Organisation (Unesco) yamhlonipha ngomklomelo wokuba ngusonkondlo ovelele e-Afrika jikelele, iPoet Laureate of Africa ngeqhaza lakhe ekuqhakambiseni nasekugcineni ulimi lwesiZulu," kusho isitatimende.
Njengoba i-Unesco yaphakamisa unyaka ka-2022 kuya ku-2032 ukuba yishumi leminyaka yokugubha izilimi zendabuko emhlabeni jikelele, iSikole nesiKhungo sezobuCiko, e-UKZN, sibone kusemqoka ukuba sivule inkundla ezogxila ekuqhakambiseni uthando nobudlelwano uKunene ayenakho ngolimi lwesiZulu.
UKunene waziwa ngokuhumushela esiZulwini inkondlo yakhe yodumo esihloko sithi Emperor Shaka The Great (UNodumehlezi KaMenzi). Esekudingisweni ngezikhathi zikahulumeni wobandlululo, uKunene wayengumlandeli futhi engumgqugquzeli womkhankaso owawulwa nobandlululo e-Europe nase-Afrika. Wagcina esefundisa e-University of California, eLos Angelos. Wayezalwa nguNkk Eva uMaNgcobo Kunene noMnuz Mdabuli Albert Kunene ngoMay 13, 1930. Waqala ukuloba izinkondlo zesiZulu ezazishicilelwa ngamaphephandaba omphakathi eseneminyaka ewu-11. Eseqede isikole wadlulela e-University of Natal eyokwenza izifundo zeBA futhi egabe ngesiZulu nesifundo somlando, ngaphambi kokwenza izifundo zeMasters of Arts in Zulu Poetry. Embhalweni wakhe wakugxeka ukuguqulwa kwemibhalo yesiZulu ukuze ifuze eyasentshonalanga. UKunene uwuzungezile umhlaba, waze wabuya kuleli ngo-1992 esezofundisa e-UKZN, kwaze kwaba uthatha umhlalaphansi. Leli qhawe ladlula emhlabeni selineminyaka engu-76 ngenxa yesifo somdlavuza, ngo-Agasti 11, 2006. NgoMeyi 12, 2022 uKunene wakhunjulwa ngeGoogle Doodle. Kubuye kwaqanjwa imigwaqo nemincintiswano ngegama lakhe. UKunene washiya emhlabeni unkosikazi wakhe, uMathabo nendodana yakhe, uZosukumazonkizizwe "Young Nations" Kunene.