KUSUKE esinamathambo kutholana phezulu abaculi bakamaskandi abadumile bebanga ukungena kuqala esiteji. Igcokama Elisha lizwe ngandlebenye ukuthi uKhuzani uselungiselela ukungena esiteji emcimbini kamaskandi obuseNtandokazi Stadium eDubeni, eMelmoth ngoMgqibelo ebusuku. Kulo mcimbi obuhlelwe uMnuz Mabalengwe Ntombela bekwethulwa ngokusemthethweni umculi kamaskandi osafufusa iNkosi yamaQuality.
Ngesikhathi kuqhubeka uhlelo umphathi walo uZimdollar Biyela woKhozi FM umemezele bonke abaculi abakhona waqala wabafaka ngokuhlukana kwabo wabe esebuza abantu ukuthi bakulungele yini ukubona uKhuzani obesevele evive ngaphandle nezakhe. Yilapho kuvele kwatheleka khona iGcokama Elisha nezalo kwabonakala sekuntaza amaCD amabili emoyeni ngasetafuleni likaDJ lapho bekumi khona nezikaKhuzani neCD yakhe. EzikaKhuzani zishaye phansi ngonyawo zithi ngeke kuqale iGcokama Elisha lingakaze libizwe.
IGcokama libonakale selidunusile nezalo sakugida ingoma kodwa kube kuzidlalela izinsimbi zabanye abaculi. Abantu ebebehambele umcimbi bavele badideka bahlala phansi bakhexa. Kuthe uma libona ukuthi alibonakali kahle laqhwakela esiteji laphakamisa izandla wena owabona uGcabashe ezethula emphakathini njengoMgqumeni.
Abanye abalandeli bavele baligingqela izithupha belihhewula ngesenzo salo. Yilapho elivele lehla sakudikila laqonda emotweni lashaya lachitha. Intatheli ilifonele labuza ukuthi isikuqedile yini ekuzele emcimbini njengoba isifonela lona. "Angiqashwa mina ngoR15 000, imali yokuthi ngibingelele bese ngiyahamba leyo njengoba sengikwenzile."
UKhuzani ugcine engenile esiteji, uMabalengwe ube esembonga ngokwehlela ngezansi ngesikhathi kuqhubuka lo msindo. UKhuzani uthe uyakwenza nje lokhu ngokuhlonipha abantu abadala nabasuke bephethe imicimbi kodwa sekumumi emphinjeni. "Ngeke nami ngisavuma manje ukuthi kuhlale kuthiwa akube yimina owehlayo ngidlale abanye abantu. Ngeke ngisavuma ukudlala abantu sengizongena ngesikhathi engibizwe ngaso, okuhlula lokhu ngithathe amasaka ami ngihambe, " kusho uKhuzani .
INkosi yamaQuality igcine yethulwe ngempumelelo.
UMabalengwe uthe inhloso yalo mcimbi ukukhulisa abaculi abasafufusa babukele kwizinkakha kodwa kuyaphoxa ukubona lokhu okucishe kona umcimbi.