KWEHLE izihlathi kubalandeli bomculi kamaskandi abebembeke ngamehlo abomvu ukuthi anandise njengoba ebengomunye walabo abebesohlwini lwabebezondandisa emcimbini iNongoma Maskandi Festival obuseMabhanoyini, KwaNgongoma ngoLwesihlanu.
UKhuzani Mpungose obezonandisa sekuzophela umcimbi kubikwa ukuthi ugcine engafikanga nhlobo kuwo njengoba kuze kwaqoqwa izitulo, isiteji netende engabonakali nangokhalo.
Umthombo weSolezwe ngeSonto obuhambele lo mcimbi, uthe kuvele ukuthi uKhuzani ubenenqwaba yemicimbi abenandisa kuyo ngalolu suku nokugcine sekuholela ekutheni angakwazi ukufika ngesikhathi emcimbini.
“Ngizwa kuthiwa ubesekhokhelwe uKhuzani njengoba ejabhise abalandeli bakhe abebemlindele. Bekungamele avume nhlobo ukuqashwa uma kuwukuthi ubematasa kakhulu,” kusho umthombo kafushane.
Ethintwa uKhuzani uthe, abahleli bomcimbi bebenalo ulwazi lokuthi uzonandisa ngo-7 ntambama njengoba ebazisile ngomunye umcimbi abezoqala kuwo eDumbe ngaphambi kokuqhubekela kobuhlelwa umasipala
“Ngikhulunyiswe nomphathi kasisi obehlela umcimbi sekusele imizuzu engu-30 ukuthi ngifike lapho obekunomcimbi khona. Engikutholile ukuthi umcimbi awuphelanga ngo-7 ebengitshelwe ukuthi uzophela ngawo. Ngizwile ukuthi bekunandisa iGcokama ngaleso sikhathi engitshelwe ngaso emumva,” kusho uKhuzani.
Imenenja kaMasipala waKwaNongoma, uMnuz Mpumelelo Mnguni, ukuqinisekisile ukuthi uKhuzani akalubuadanga emcimbini abebemqashe kuwo.
"Simangele sesithola umyalezo kuKhuzani owawusazisa ukuthi uzofika ngo-7 ntambama njengoba sasivumelene naye ukuthi uzoqala emcimbini wethu bese eya konandisa komunye umcimbi abeqashwe kuwo eDumbe. Size sahlukana sekushaye u-8 ebusuku engaqhamuki. Nasocingweni lakhe ubengasatholakali nhlobo ngenkathi sizama ukubuza ukuthi usekuphi nendawo, kuchaza uMnguni.
IGcokama noThokozani Langa babe abanye omaskanda abahlulwe wukugcina isikhathi. Ngenkathi befika emcimbini abalandeli babo bebemile ngaphandle kwetende bebalindile.
Izimoto abebehamba ngazo zangena sezindiza zibheke ngasesiteji.
Phakathi kwabanye omaskanda abebenandisa kubalwa uStability, Ibhoza Likashemeni, Igagu Elisha, uMahosha nabanye.
Abebephethe umcimbi uBangeni Mpanza ongumsakazi woKhozi FM Welcome "Mahlobo" Ntombela weNongoma FM.