INTOKAZI yakuleli ebiphethe isicoco sikaMiss Universe, uZozibini Tunzi, ithi yayazi ukuthi ukuthatha kwayo lesi sicoco ngo-2019 kuzoba nomehluko.
UZozi ukusho lokhu emcimbini wokukhetha uzime walo nyaka obuse-USA, eHollywood, Florida, ngeSonto, ezintatha.
Enkulumeni yakhe yokuvalelisa, uZozibini uveze ukuthi ukuthatha lesi sicoco kwakuyiphupho lamadlozi akuleli angasekho.
“Ngiqhamuka ezweni elineminyaka engu-27 lakhululeka e-Afrika, ngiyajabula ukuthi ngikwaze ukumela leli zwe emicimbini emikhulu efana naleli. Ngokuthola lesi sicoco bekuyindlela yokubabonga ngabakwenza ezweni lami belwela inkululeko,” kusho uZozibini.
Le ntokazi ibe isibonga umndeni wayo nabalandeli ngokuyinika uxhaso eminyakeni emibili iphethe lesi sicoco.
“Ngangazi ukuthi kukhona okuhlukile okuzokwenzeka ngesikhathi ngithatha lesi sicoco. Ukusibamba iminyaka emibili kimina kusho lukhulu. Ukubheduka kwegciwane iCovid-19 kwenze ngathinta izimpilo zabantu kabili, njengoba sisebenze ngokuzikhandla,“ kuchaza le ntokazi yase-Eastern Cape.
Okunye okuphinde kwadonsa amehlo kulo mcimbi yingubo yale ntokazi ebithungwe ngumsiki wengqephu, uBiji La Maison de Couture, eyigqoke ngendlela yesintu njengoba ibishuqulile ekhanda.
UZozi ubesehlale e-USA iminyaka emibili ngemuva kokuthatha lesi sicoco kanti kulindeleke ukuthi abuye maduzane kuleli.
Isicoco salo nyaka sithathwe yintokazi yaseMexico, u-Andrea Meza, isibili kwalala intokazi yaseBrazil, uJulia Gama, indawo yesithathu yathathwa yintokazi yasePeru, uJanick Maceta Del Castillo.
Intokazi ebimele eyakuleli, uNatasha Joubert, iphume zisuka kulo mqhudelwano njengoba ingafikanga ngisho esigabeni seTop10.
Lo mcimbi usakazwe kuleli izolo ku-1 Magic (DStv Channel 103) ngo-9.30, ebusuku.