INJABULO intandokazi kaDJ wakuleli, uLady Du, eveza ukuthi seyiphelile indawo yokuzicwala eza namathuba emisebenzi ngesikhathi iNingizimu Afrika isenkingeni yentsha ebhuquza ekhaya namakhono.
Lo Dj umemezele ngoLwesihlanu, ukuthi konke sekumi ngomumo njengoba esemaphethweni neWAWA La Beauty okuyindawo yokuzicwala esezingeni eliphezulu KwaThema, eGauteng. Ngasekupheleni konyaka uLady Du wamangaza abaningi eveza ukuthi usengena kwibhizinisi lokuzicwala nosekufakazele lokho ngamaphethelo eWAWA LaBeauty. I-video uLady Du ayiqophe kule ndawo ikhombisa ubukhazikhazi bendawo nefenisha kanokusho nokukhombisa ngokusobala ukuthi yakhiwe ngemali eshisiwe.
"Angikakaze ngikhale kanje kuleli sonto, hhayi ngoba ngidangele ngoba ngibona sengiqeda umsebenzi e-salon yami. Ngidele okuningi ngathenga leli khaya esilenje namhlanje, kwakumele ngiliqale phansi. Ngifisa engathi ngingasiza ontanga abaningi ngithole inkundla yokukhuluma ngobunzima obukule mboni nokubaluleka kokulondoloza imali ezokutakula ngezinsuku ezinzima," kusho uLady Du.
Eqhuba, uthe lesi yisiqalo njengoba enephupho lokuvula izindawo eziningi ezithi yena. Abantu bakuleli balokhu bemtuse njalo ezinkundleni zokuxhumana ngomsebenzi wakhe omuhle.