LIFIKE engasazelele ithuba lokuba ngumsakazi woKhozi FM njengoba besekuphele iminyaka ewu-17 evolontiya emisakazweni yomphakathi ezama amadlelo aluhlaza kodwa kungahlangani. UNozipho ‘Mazulozulayo’ Zungu waseSikhaleni, eMpangeni, udle umhlanganiso emncintiswaneni iWinnie Mahlangu Female Presenter kanti uveze ukuthi waziqopha ngeselula sakudlala engenela umncintiswano. Eminyakeni eyedlule uke wangenela wakhala ngaphansi. Ukholwa wukuthi kwakungakabi isikhathi sakhe.
"Ngicathulisa abasakazi abasafufusa abahlukene, ngithe ngisiza omunye ngaziqopha ngimkhombisa ngokusakaza isikhathi esifishane. Ngosuku lokugcina lokuvalwa komncintiswano, ngafikelwa umuzwa wokungenela, ngathumela. Kwaqala kwahlungwa ngesonto lesine ngezwa ngabantu sebengifonela bethi bayavota ngithathiwe," kuchaza uNozipho.
Akakholwanga ethola izindaba ezimnandi. "Ngamangala ngoba bekunzima ngigulelwa ngumama, nomuntu engangimsiza kulo mncintiswano engathathiwe. Engikufundile nengifisa ukudlulisela kwabasakhula ukuthi konke kunesikhathi futhi kuyalindwa uma ufuna impumelelo," kusho uNozipho.
Selokhu engenile kulo msakazo kuningi asekuzuzile nobekuyisifiso sakhe esikhulu. "Bengikwazi ukusakaza nokuzibambela ideski kodwa akufani ngoba kuningi okungekho emsakazweni yomphakathi. Ukhozi FM seluqalile ukungicija ngezinto eziningi ebengingazazi, ngisho abasakazi bangamukela kahle ezinhlelweni zabo," kusho uNozipho
Eqhuba uNozipho uveze ukuthi ungowesibili ezinganeni ezine zakwabo. Uthe abazali bakhe bebengalilahlile ithemba, bemgqugquzela uma kufunwa abasakazi bethi akayozama inhlanhla. "Ngesekwe kakhulu ekhaya noma ngithola amasenti ngiyehluleka ukuzijabulisa ngingathumele kubo. Ngivele ngishaywe uvalo uma ngicabanga isikhathi eside ngisakaza ngingenalutho kodwa bama nami ekhaya,“ kusho uNozipho.
Kwenzeka lokhu nje uNozipho ubesanda kuwelwa yisitolo semikhiqizo yokuklina enkabeni yedolobha eMpangeni kulandela izibhelu zangoJulayi ngo-2021. "Bengisamile kwezokusakaza, ngizama ibhizinisi abalitapa balicekela phansi. Ngiwumuntu olithandayo ibhizinisi kodwa lokhu kwaba buhlungu kakhulu ngoba namanje asikakavuki. Angililahlile ithemba nakhona, ngiyazi ngisazokhula ngifinyelele lapho ngifisa khona," kusho uNozipho.
Ephetha uNozipho uveze ukuthi ukusebenzela Imbokodo FM ne-Icora kumakhele isisekelo esimbeke kuleli zinga elenze wakwazi ukwethenjwa uKhozi FM. Ugqugquzele ozakwabo emsakazweni ukuthi bazinike ithuba elanele lokucosha ulwazi.