UZOHANJELWA ngabalingisi beMbewu umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa lukaMfundisi webandla laseZayoni, iNkanyisweni Church of Christ in Zion (CCZ) eWaterloo Community Centre ngoMgqibelo ntambama.
Kubalingisi abazobe bezogubha noDkt Sicelo Ngobese, ongumelaphi wendabuko ohlonishwayo kuleli, kubalwa uNkanyiso Mchunu olingisa indawo kaNkululeko, uZamaswazi Mokoena onguSizakele, uKaylin Soobraminian onguThu Sheleni no-Anathi Gobeni odlala indawo kaLindokuhle. UNgobese uthe izithameli uzifihlele induku emqubeni ngezinye izitatanyiswa nabanye osaziwayo.
Komrepha abazobe beqhulula umculo we-hip hop ubale uDuncan wodumo lwengoma ethi Tsiki Tsiki Remix nethi Ring of Lies; uZakwe odume ngengoma ethi Siyabonga nethi Bathi Ngiyachoma noDr Bone yena edume ngethi Fak'Umoya nethi Noma Bengakhuluma. Umculo kamaskandi uzobe umelwe yintokazi esencane efike ngesankahlu kule ndima, Intombi Yentandane nembongi, uCofi. Nentokazi esizakhele udumo ngokuhambela imicimbi yaseYadini, uJackie Mcombothi, izobe ikhona. Uhlelo luzobe luphethwe ngabasakazi beMoya 101.9 FM, uPearl, Bhabs noMC Pholobas. UNgobese unxuse abazohambela lomcimbi baswenke ngezimpahla zokugqoka ezinombala omnyama nosagolide. Udonse ngendlebe abantu abaneminyaka engaphansi kwengu-18 nabazobe bengazigqokile izimfonyo ukuba baze bangalubeki olwabo unyawo ngoba ngeke bavunyelwe.