UMNDENI wowayengumsakazi nomphathi woKhozi FM, uWelcome "Bhodloza" Nzimande, awuphathekanga kahle ukuzwa izindaba zokuhlonishwa kwale ngqalabutho, yiMpucuzeko Maskandi Festival, emithonjeni yezindaba.
Lo mndeni uze wabhala ekhasini lawo likaFacebook elingaphansi kweBhodloza Nzimande The Legacy kanje: "Ungazizwa kanjani kuthiwa kuzohlonishwa ubaba wenu ningazi lutho? Lafa elihle kakhulu. Abantu abasenanembeza, badla imali ngegama likababa."
Uqhubekile sewuphendula abantu, ukhala ngokuthi ezinganeni eziyisikhombisa, ayikho neyodwa eyazisiwe ngalolu hlelo.
“Bayasixhaphaza...Abaluthi bamandla kababa. Angithi eMabhida kungenwa ngemali...Igama lomuntu yimali."
Kuzokhunjulwa ukuthi omunye wabagqugquzeli bale ndumezulu yomcimbi kamaskandi, wuXolani Mcineka, omemezele esithangamini sabezindaba ngoLwesihlanu olwedlule, ukuthi bazohlonipha uBhodloza eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 30.
Uthe bathathe isinqumo sokuhlonipha uBhodloza ngenxa yamagalelo akhe ekufukuleni umculo kamaskandi.
Uthe empeleni babefisa ukumhlonipha esadla anhlamvana ngo-2020 kodwa kwaphazamisa ukudlula kwakhe emhlabeni ngenxa yeCovid-19.
Ethintwa yiSolezwe NgoMgqibelo, okhulumela umndeni kaBhodloza, uMnuz Thelumusa Nzimande, uthe yize bekujabulela ukukhunjulwa kukayise kodwa akubaphathanga kahle ukungathintwa kuqala njengezingane zikamufi ngaphambi kokuba kukhulunywe nabezindaba.
“Inkinga ebikhona ukuthi nathi besibuzwa ngabadala emakhaya ngokuthi kungani singabikanga njengoba sihleli senza uma kwenziwa izinto ezihlangene nekhehla?” eqhuba uMnuz Thelumusa.
Eziphendulela, uMcineka uthe ngesikhathi bedingida uhlelo lweFestival, babona kukuhle ukuhlonipha ingqalabutho yomculo kamaskandi, uBhodloza waba ngowokuqala owafika emqondweni ngeqhaza alidlalile kulo mculo.
“Iphutha libe ekutheni asixhumananga nomdeni kaBhodloza ngaphambi kokuveza le ndaba, babona ngezindaba emaphepheni. Kodwa-ke sesikhulumile nabadala bomndeni, sabachazela ngale nto esifisa ukuyenza, futhi abazange babe nankinga, basamukela,” ephetha uMcineka.
“Siyabonga singabantwana, sebesithintile abahleli bomcimbi weMpucuzeko ngodaba lokuhlonishwa kukababa wethu, iNgulubencane, sisazoxoxa-ke njengomndeni sibuyele kubona,” kubhala abeBhodloza Nzimande The Legacy ekhasini labo likaFacebook.
Njengoba uBhodloza abezohlonishwa nomsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe, akusezokwenzeka kanjalo njengoba uTshatha esehoshe imfe kulolu hlelo.
Ekhuluma ekhasini lakhe likaFacebook, uTshatha ukhale ngokuhlale enyundelwa kubahleli bemicimbi ngowayenguzakwabo, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu.
Okwenza kusolwe uNgizwe ukuthi nguye oqale ukukhalaza ngokuhlonishwa kukaTshatha ekhasini lakhe iNgizwe Online.
UNgizwe uthe uTshatha akakwazi ukuhlonishwa yedwa, ashiywe ngaphandle yena ekubeni enamagalelo amakhulu kunaye. Uthe amagalelo kaTshatha asembhobheni ekubeni awakhe ekapakele ngaphandle njengoba aze wakhanda amatshe ezikhumbuzo omaskandi abaningi.
Nakuba kunjalo, umcimbi uyaqhubeka kule nkundla yezemidlalo futhi kuyobe kusina kudedelana abaculi abaningi okubalwa kubo oShwi, Thokozani Langa, Khuzani, Dlubheke, DSD, Mnikezwa, Shumi Lezinsizwa, Imithente, Amageza Amahle nabanye.
Amathikithi kawonkewonke abiza uR150 bese kuthi awezicukuthwane abiza uR1899 (VIP) noR2 499 (VVIP)-okubandakanya ukuziphakela ukudla kuze kube kathathu, ithikithi lokupaka neziphuzo eziseqophelweni eliphezulu.