IQEMBU elihlonishwayo kwi-hip hop iSkwatta Kamp, lithi i-albhamu yalo entsha kuzoba ngeyokugcina.
Leli qembu lodumo lwezingoma okubalwa kuzo iThe Clap Song, Umoya, Landela nezinye linama-albhamu amane.
Ilungu leqembu uBozza, lithe ngesikhathi bengena estudiyo bazitshelile ukuthi i-albhamu abayiphekayo kuzoba ngeyokugcina.
"Ukuthi ngeyokugcina kungenxa yezinto abanye bethu abazenzayo eceleni kodwa sithathe isinqumo sokuthi sihlangane sinikeze abantu umculo. Kodwa ngeke wazi, uma kuhamba isikhathi izingqondo ziyashintsha. Uma abantu beyamukele ngendlela singashintsha. Nathi siqala besithi senza izingoma ezimbalwa kodwa ngemuva kokuhamba kwesikhathi sekumnandi sithe sizobona ukuthi sigcina kuphi," kuchaza uBozza.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoFebhuwari iSkwatta Kamp ishonelwe yilungu layo uNish.
UBozza uthe lokhu kuziphazamisile ezinye izinhlelo zabo kodwa uNish ukhona kuzona zonke izingoma zabo.
"Sifuna ukuqeda manje. Empeleni kusele cishe ingoma eyodwa bese ididiyelwa kahle okuyinto ezothatha amasonto amathathu. Silinde uRJ Benjamin kuphela okunguyena mculi obekukade sifuna ukusebenza naye. Bekumele singene estudiyo naye ngoMgqibqlo kodwa ubengaphilile. I-albhamu izolunga cishe ngoJuni manje."
Uthe izingoma zabo zinomyalezo ohlukahlukene ozothinta impilo yabantu.
"Thina asigijimisi ukwaziwa noma ukuhambisana nesitayela. Sikhuluma ngezinto eziningi nomyalezo obuyisa ithemba kubantu abasha njengoba bebhekene nezimo ezahlukene. Nathi sasinezethu sikhula futhi namanje sisenazo okungaba izinkinga zemali, ezomndeni, ezomshado ngoba abanye bethu bashadelwe futhi banezingane."