SIKHULU isililo ezinkundleni zokuxhumana intandokazi yomlingisi inameka izithombe eziveza ukuthi ikhulelwe. U-Asavela Mqokiyana unameke izithombe eziveza isisu sakhe njengomuntu osekuseduze nokuthi abelethe.
" Konke kube lula ngokukhulelwa kwami ngenxa yokunginakekela nosizo lwakho myeni. Ngiyakuthanda," kuloba u-Asavela. Yiwona la mazwi ebephelezele lezi zithombe nokube usuku olunzima kwabanye ukwamukela.
" Lo muntu okhulelise wena akavele asikhulelise sonke kube kanye," kusho uLindelani BoM yeNdlamlenze Khathi.
" Hhayi bandla, indoda yakho ayinandaba ngempela nathi manje. Siyakubongela," kusho uSamajobe Sithole.
" Ngavele ngakhathazeka nenhliziyo yaphampa ngo-693," kusho uNtando Ndayini Da Writer.
" Ngifisa engabe angizange ngikwazi Asavela, uyiphulile inhliziyo yami," kubalisa uMsawakhe Zweli Majola.
U-Asavela ungomunye wosaziwayo abangaconsi phansi kubantu kulezi zinsuku, ukukhulelwa kwakhe noma kushaye kwezwela kubalandeli kodwa bamjabulele kakhulu.