OBENGUPHROJUSA ohlonishwayo kuleli nasemazweni angaphandle, uMthandeni Mvelase, udlule emhlabeni ebalisa njengoba bese ephenduke undingasithebeni.
Ekhasini lakhe likaFacebook, umdidiyeli omkhulu weMuvhango neMbewu, uDuma Ndlovu, ubhale ukuthi uMvelase (56) ushone ngoLwesine engasenalo ikhaya ngenxa yokwenzelwa phansi ngumphakathi.
"Ubehlale ekhalela usizo. Izinkinga zakhe beziziningi futhi zingapheli. Ubehlale ewumgilwa, noma ubesho njalo." Eqhuba uNdlovu uthe uMvelase uke wahlukunyezwa ukwehlukanisa nomkakhe eminyakeni eyedlule.
"Ngosuku lwakhe lokufa ubengasenayo indawo yokuhlala futhi asimnakanga noma asizihluphanga ngokuphenya kabanzi ngokuthi singamsiza kanjani. Ngizame ngawo wonke amandla ukumsiza kaningi kodwa uMthandeni ubeyisitha sakhe. Nakuba kunjalo, umuntu akalahlwa. Bekumele sizame kakhudlwana."
Uthe njengoba isidumbu sikaMvelase sisemakhazeni asesibhedlela, bazohlangana njengabangani bakhe baqhamuke nendlela yokumnikeza umngcwabo onesithunzi.
"Yilokhu okukhulu esingakwenzela indoda enikele ngempilo yayo ukuqhamuka nomculo ongasoze wabuna kuleli futhi engazigqamisi impilo yakhe yonke."
Eqhuba uNdlovu, uthe wahlangana noMvelase ngo-1986 e-United States ngesikhathi esebenza noMbongeni Ngema emdlalweni owawuthi Township Fever.
"Kwakulula ukumqaphela ngoba ubegqama esixukwini. Nguye kuphela owayeqamba umculo kwiTownship Fever futhi engomunye wabalingisi. Wayesemncane kodwa enomfutho nekhono eliyisimanga."
Uthe yingakho kwathi uma ebuyela eNingizimu Afrika wamthungatha waze wamthola. Uthe usebenze noMvelase kuyo yonke imisebenzi yakhe ebithinta umculo.
"Kangangoba yena noMusa Mhlongo bebewumgogodla wanoma yimuphi umsebenzi othinta umculo ebengiwenza. Kuzo zonke lezo zikhathi besilwa futhi sithethisana kodwa sikwazi ukukhiqiza umculo omnandi."
UNdlovu uchaze uMvelase njengomuntu obekunzima ukusebenza naye kodwa yena ekwazi ukumgoba inkani.
"Ubenawakhe amadimoni abebhekene nawo kodwa enekhono eliyisimanga. Ubengomunye wabaqambi bezingoma abaqavile kwiMuvhango nakweminye imidlalo ebengiyingxenye yayo. Siqophe inqwaba yamaqembu ndawonye futhi besingahlukaniseki uma kuza emculweni. Ngesikhathi ngicelwa yiPlayhouse ukuba ngethule kabusha umdlalo kaGibson Kente othi How Long, uMthandeni umuntu engaya kuye futhi wagcina esengumqondisi womculo weHow Long," kuchaza uNdlovu.
Kubaculi abasebenze noMvelase kubalwa iShabalala Rhythm, Jabu Khanyile, Dkt Sipho Sithole, Phuzekhemisi, Lindelani Mkhize, Faca Kulu, Themba Mkhize, Sibongile Khumalo, Zuluboy nabanye. Ubambe iqhaza emkhakheni womculo kuZalo, Soul City nakwiNgozi. UMvelase waqala ukwaziwa endimeni yomculo ngeqembu laseMlaza, ababelisungule noLindelani noSandile Dlamini. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaziwa ukuthi uzofihlwa nini.