UKUBA yinkosana kubo uthi kumenze wasebenza ngokuzikhandla umculi we-Afro Pop, Intaba yaseDubai, oshisa izikhotha ngengoma ethi Sbali.
ULindokuhle "Intaba yaseDubai" Msomi (25) odabuka KwaMaphumulo izinto zimhambela kahle emculweni njengoba ingoma yakhe ibalwa nezidlala kakhulu emsakazweni futhi ivideo yakhe isibukwe izikhawu ezicela ku-2 million kuYoutube ngenyanga eyodwa iphumile.
Uthe impumelelo yakhe idalwa wukusebenza ngokuzimisela ngoba ufuna ukushintsha isimo sakubo. Lo mculi ubengomunye wabapikwe nguBig Zulu engomeni eyashisa izikhotha ethi Imali Eningi.
"Ngikhule ekhaya isimo singesihle nokuyinto engifundise ukuthi kumele ngihlale ngiphanta. Yimina omdala ezinganeni eziyisithupha futhi ukushona kukababa ngo-2016 kungifakele ingcindezi. Umculo bengiwenza kodwa bengigxile ekufuneni umsebenzi. Ngishayele itekisi ngasebenza nasendaweni yokucwala izinwele," kusho uDubai.
Uthe njengoba umculo wakhe uthakaselwa nesimo sakubo sesiya ngokuphucuka ngoba ikhona inkece engenayo.
"Zishintshe kakhulu izinto manje nempilo yami ngoba umculo wami uma ngiwenza uyafika kubantu. Sekuyaphileka nezinto eziningi ebengizifisa zibonakala zenzeka kalula manje. Ngiyakwazi ukunakekela umndeni wami, ngiyaqashwa emicimbini futhi ngihlangana nabantu engangifisa ukuhlangana nabo."
Uqhube wathi ngendlela izinto ezishintshe ngayo kwenzeka nezinto aziqabukayo njengoba wake wadunyelwa yintokazi angayazi ngesinqandu enandisa emcimbini eMpumalanga.
"Yayisho ukuhamba nami impela kodwa ngoba ngingumuntu ozaziyo ukuthi ufunani empilweni ngakwazi ukukugwema lokho. Mina nginomuntu engithandana naye engisanda kumazi nengisazimisele ngokumazi kangcono."
Echaza ngomculo uthe okwenza abantu bawuthakasele yingoba ucula ngesiZulu nangento abantu abayibona mihla namalanga. Umculo wakhe uwukhipha enkampanini i-Ambitiouz Entertainment.
"I-albhamu ikhona manje ngoba ngingumuntu ohlale esebenza futhi angipikanga muntu. Kodwa enkampanini izinto zenzeka ngendlela engingakayijwayeli yokuthi ufike ingoma isinomunye umuntu. Wenza ingoma uthole ukuthi bakucabangela uRebecca bona."
Uthe izinto zihamba kahle e-Ambitiouz akukho okubi asakubonile.