UNIKELE ezinkundleni zokuxhumana namhlanje ekuseni umculi kaMaskandi, uKhuzani Mpungose, eveza ukuthi useyitholile imali yakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwaqubuka inkombankombane ngesonto eledlule, phakathi kukaKhuzani nomnini wenkampani eyayiqopha uhlelo, Khuzani Bo! uLegend Manqele
UManqele uveze ukuthi uhlelo lukaKhuzane kaluzange luhehe abalandeli abaningi ngendlela ababefisa ngayo.
“UKhuzani wephule imigomo yenkontileka izikhawu eziningi. Wehlulekile ngukulandela imigomo yokukhangisa nangezinto ezivela ohlelweni. Sithole isicelo sakhe sokukhokhelwa ngenyanga edlule futhi sizokhokha engakashayi uMsombuluko. Sikukhulumile lokhu nemenenja yakhe. Akakweletwa imali ayisho ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uLegend.
Ngakolunye uhlangothi, uKhuzani usole uManqele ngokuzama ukumehlisa isithunzi.
Uthe laba bamsebenzisa ukuhlangana nabantu abahlukene ngoba befuna amabhizinisi kubo benza sengathi kwenzelwa uhlelo.
“Babefuna ukungehlisa isithunzi. Babengazifuni izinto ezazizokwenza ukuthi uhlelo luthandeke. Bathi angixabane nabantu ngiveze ukuthi ngiyacasuka, ngihambe ngishaya abantu.
“U-Ayanda wangibuza nokuthi ayikho yini intombazane engiyikhulelisile noma angithole engizoyikhulelisa bese ngiyihlanganisa nomaqondana ukuze kube nenxushunxushu,” kusho uKhuzani othe uhlelo lukaMthandeni babelubuka ngaphambi kokuthi ludlale ukuze babone ukuthi luqoshwe kanjani.
Lo mculi ubonge bonke abamnike izeluleko ngokusingatha lolu daba, waveza nokuthi ingxenye yale mali uzoyifaka esikhwameni esizolekelela abakhahlanyezwe yizikhukhula.
“Ngifisa ukumemezela ukuthi ingxenye yale mali ngizoyithatha ngiyidlulisele esikhwameni salabo abakhahlamezwa yizikhukhula KwaZulu-Natal, ngenhloso yokufaka isandla nami njengeciko elithandwa kakhulu ngabantu eNingizimu afrika,” kubhala yena.