INDODAKAZI yowayeyingwazi yomculi we-reggae uLucky Dube, ithi ayikholwa ukuthi uyise wabulawa ngabantu ababefuna ukuthatha imoto.
Ekhuluma kwiThe Hustlers' Corner, uthe ukhuluma kanje ngoba ababulali abafunanga imoto kuyise kodwa bavele bavulela ngenhlamvu.
"Ngangihleli ngaphambili, umfowethu uTK (Thokozani Dube) wayehleli ngemuva. Kwavele kwaqhamuka imoto yama. Kwaphuma abantu, bangakhuluma lutho, bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kubaba. Baqhubeka ngisho sesiphume sabaleka," kulandisa uNkulee,
ULucky Dube wadutshulwa, wabulawa eRosettenville, eGoli ngo-Okthoba 18, 2007, phambi kukaNkulee noTK. Uthe ukholwa wukuthi uyise wabulawa ngenxa yokuthi wayehlale ekhuluma iqiniso emculweni wakhe. Wathi ukube uLucky Dube wabulawelwa imoto, ngabe yathathwa.
UNkulee udalule ukuthi watshelwa eseneminyaka ewu-19, ukuthi uLucky Dube, nguyise. Uthi akatshelwanga ngabazali bakhe kodwa waxoxelwa nguLebo Mathosa, ukuthi uyise nguLucky.
"Sasiqeda ukuzilolonga eNewtown. Sabona isikhangiso esikhulu se-albhamu kababa eyayithi Respect. Wabe esengitshela ukuthi uLucky Dube ngubaba wami. ‘Uyezwa ngisho emathanjeni futhi uyafunga uyagomela ukuthi le ndoda ingubaba," kuchaza uNkulee
UNkulee uthe wafike watshela unina ukuthi uLebo utheni. Unina wavuma ukuthi uLebo uqinisile ngoba wakhuleliswa nguDube. Uthe unina wamtshela ukuthi okwenza ukuthi angafuni uNkulee azi ukuthi uzalwa nguDube, ukuthi wayesedume kakhulu futhi esehlala phesheya.
Eqhuba uNkulee uthe waziyela kuyise eyomazisa ukuthi kuthiwa uzalwa nguye. "Wavele wasukuma, wangidonsela ifayela eyayibhalwe amagama ezingane okuke kwathiwa zizalwa nguye. Wangibuza ukuthi ngiyafuna yini nami ukubhalwa kulo? Ngathi akashayele ucingo umama wami."
Ngokuhamba kwesikhathi, uthe kwenziwa ulibofuzo, okuyilo elahlonza ukuthi nebala uzalwa nguDube.
Njengoba engumculi we-reggae owaziwa kakhulu phesheya kunaseNingizimu Afrika, uNkulee uthe akabonelanga kuyise kodwa waqala ukucula esenoNtando Bangani eqenjini labo iVoice of The Ghetto.
Uthe ngisho imiyeko yobuRasta waqala ukuyenza eneminyaka eyisishiyagalolunye. Ebuzwa ukuthi bunjani ubudlelwano bakhe nodadewabo ongumculi we-Afro pop, uBongi Dube, uthe buhle kodwa abajwayelene ngaleyo ndlela ngenxa yezinkolelo ezingafani.
Uthe umuntu asondelene naye kakhulu nguThokozani, kangangoba bahlale behamba ndawonye ochungechungeni lwakhe lwaphesheya. UNkulee uze wakhala echaza ngendlela unkosikazi kayise, uZanele uMaMdluli, aziphethe kahle ngayo izingane zikayise. Uthe uyazi ukuthi uyamkhumbula uLucky ngoba babengeve bethandana.