KUCHAZEKE abaningi ngomsiko obigqokwe nguPearl Thusi, oveza amabele eme mpo, kuhle kwejongosi.
UPearl unameke izithombe zakhe njengenjwayelo, maqede wafisela abantu usuku oluhle, wachaza ngemphahla abeyigqokile ukuthi ikhiqizwe yiliphi ilebuli.
Selokhu enameke izithombe kuyabhuza emakhasini ahlukene ezinkundleni zokuxhumana kunconywa amabele akhe. Nasemakhasini akhe uPearl, abantu babaza ubuhle futhi bafaka imibhalo ehambisana nenhliziyo, namalangabi omlilo achaza ukuthi muhle ngokwedlulele.
"Pearl Thusi, umuhle kakhulu sthandwa," kuncoma uLebohang Rodgers Selepe.
"Yilokhu engifuna ukukubona uma ngivula izinkundla zokuxhumana," kusho u-Ayanda Somnyama.
"Kancane uyangokumdlula uBeyonce," kuncoma uMankwe Windy.
Yize iningi lincoma kodwa bakhona nabashaya amakhala ngomsiko, bakhala ngokuthi uPearl usedluleli kulesi sigaba, ngokweminyaka. Babodwa abathi kumele aziphathise okomzali ngoba unamadodakazi akusamele agqoke noma yini ayithandayo.
Ukwehlukana kwemibono akubagqibi abaningi abachazekile ngoba bangaphezulu kuka-18 000, abathande isithombe sikaPearl, kwiFacebook. Bakhona osaziwayo abababaze ubuhle bukaPearl.