UKWENZA kahle nokusheshe aphumelele emculweni kwenze ukuthi uMnqobi Yazo, angazibona egxila ephusheni lakhe lakudala, lokulingisa.
Lo mculi ogama lakhe langempela nguLindokuhle Msimango, udabuka KwaMaphumulo, ucula uhlobo we-Afro Pop. I-albhamu yakhe yokuqala Isicephu ayikhiphe ngo-2018, imbeke esicongweni. Exoxa neSolezwe ngoMgqibelo uthe, ngeke abenesikhathi sokulingisa esanele ngenxa yomculo.
UYazo uneziqu zokulingisa okuyiDiploma in Drama, azithole eDurban Film Institute ngo-2017.
“Mina bengingumuntu othanda ubuciko, kusukela ngikhula nje, nasezikoleni bengidlala izikeshi futhi ngicula. Kodwa into ebengiyithanda kakhulu ukulingisa ngoba ngaze ngakhetha ukuyokufundela. Ukuphumelela ngomculo kuqala, nawo engizifelayo ngawo kungenze ngabona kungcono ngiqhubeke nawo ngoba ngenza kahle khona,” kuchaza uMnqobi Yazo.
Eqhuba uthe ukulingisa izindawana ezingatheni emidlalweni yethelevishini, uyakwamukela. Kodwa akaboni ukuthi angakwazi ukuhlala ekulingiseni isikhathi eside ngoba umculo uhlale umbiza.
Uke wavela kwiDurban Gen, nakwiThe Wife. Okunye akwazi ukukwenza ukubhala, ukuqondisa, nokudidiyela imidlalo yethelevishini.
Udalule nokuthi usezimele akasekho ngaphansi kweMabala Noise. Igama lenkampani yakhe iYazo Entertainment. Okwamanje abekho abaculi asebasayinisile ngaphansi kwenkampani yakhe.
“IMabala Noise yangikhulula, ngemva kwalokho ngaziqalela inkampani yami. Into eyenza ukuthi kungadumi ukuthi ngashiya khona, ukuthi ngahamba singaxabene. Sekuphele isikhathi esingangonyaka ngashiya khona,” kuphetha uYazo.