BASHAYA amakhala ababukeli ngobudlelwano beziphalaphala ezimbili zohlelo lwethelevishini lwabesifazane abayiziqumama zaseThekwini.
UNonku Williams, omunye wabantu abakhonzwe kakhulu kwiThe Real Housewives of Durban, usanda kwethula umngani wakhe ongusomabhizinisi uSlee Wendy Ndlovu, odume ngelika ‘Bosslady’ kwezokuxhumana. Izinto ziqale ukuphambuka esiqeshini saphambilini ngenkathi emethula kuJojo Robnson noSorisha Naidoo. Yilapho kwaqala khona ukungatholani kahle phakathi kukaSlee noJojo, okucace obala muva nje kwezinye iziqephu.
Yize kunabalandeli abamkhonzile uNonku kodwa sekukhona kuhlukana phakathi ngoba abanye sebesola ukuthi ukhonze uJojo okwedlula elikaSlee, ekubeni ufike ngaye ohlelweni. Abanye basola ukuthi uSlee uthukuse induku emqubeni.
"Enye into ngoSlee noma kanjani uzosukuma aphume ahambe," kusho uLaSizwe.
"Angimthandi lo Slee, unokudelela kabi lona," kusho uPasseks.
"Ngiyayithanda indlela uSlee amtshele ngayo emehlweni uJojo noNonku ukuthi ubudlelwano babo buphelile, nokuthi bakhuluma umbhedo. Akalali endleleni, akahlebi uyazimela," kusho uStiles Mbulazi.
"Angiyithandi indlela abamhlanganyela ngayo uSlee. Nale mihlangano ebhedayo abalokhu bembizela yona. UNonku noJojo kabalungile ndawonye," kusho uMaRadebe.
Abanye babona uSlee esefanelwe ukuqinisa ubungani bakhe noSorisha nokulokhu kuvela ohlelweni njengobudlelwano obukhulayo. Emasizinini edlule uSorisha ubeyintandokazi yabaningi kodwa muva nje, kubukeka sengathi uMaria uzomshubisela izinto njengoba kubonakala sengathi kuyamtatazelisa ukungena kwakhe ohlelweni.