UGQEMEKE olungeqiwa ntwala umkhakha kamaskandi kudlula emhlabeni uNicholas Zungu uMajotha. UMajotha ushone ngoLwesihlanu esibhedlela.
Imenenja kaMajotha (39), uMzwandile Zungu, uthe kubethusile ukushona kwalo mculi ngoba bebetshelwe ukuthi useyalulama.
"Ngiqale ukuzwa ngokugula kwakhe ngoLwesibili. NgoMsombuluko sixoxe naye engakhombisi ukuthi ungumuntu ongaphilile ngalolo hlobo. Ngizwe ngoLwesibili ukuthi unenkinga yokubuyisa uma ethi uyadla waze waphuthunyiswa emtholampilo. Ufike emtholampilo wadluliselwa esibhedlela eKing Edward VIII. Esibhedlela kuvele ukuthi ushodelwa yigazi. Ngenhlanhla ufike khona wafakwa igazi. Imibiko ebengiyithola ibithi usengcono kakhulu futhi besinethemba lokuthi uzophuma esibhedlela kungekudala. Ngimangalile sengithola ucingo ngitshelwa ukuthi akasekho," kusho uZungu.
Uthe azikaphothulwa izinhlelo zokungcwatshwa kwakhe kodwa kuzokwaziwa maduze uma umndeni usuxoxile.
Ezinkundleni zokuxhumana abathandi bakamaskandi nabaculi bawo bebekhala nxazonke ngokudlula kukaMajotha bebaza ikhono abenalo emculweni. UMajotha wagqama kakhulu ngengoma yakhe ethi: Thulungasho Sengiyajola Manje. Wake waba sembangweni wegama leNdlabeyiphika neGcokama Elisha, lapho aveza ukuthi uyena Indlabeyiphika yangempela. UBejwayele ukukhipha ama-albhamu amabili ngonyaka okungebizwa ngoMajotha ebiphuma ngasekupheleni konyaka neyeNdlabeyiphika Yangempela ebiphuma njalo phakathi nonyaka. Imenenja yakhe ithe bebesezinhlelweni zokukhipha Indlabeyiphika Yengempela ngoJuni. Uthe bebezonyuka ngephasika ukuya eGoli ukuyoqopha kodwa baphazanyiswa ukuthi imenenja isuke yashonelwa emndenini wayo.