IFILIMU eyenziwe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini waseThekwini, uMinenhle "Minnie" Dlamini, izomela iNingizimu Afrika kwiPan Africa Film Festival eLos Angeles, eCalifornia, e-USA phakathi kukaFebhuwari 9 noFebhuwari 20.
Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba, le filimu esihloko sithi The Honeymoon ikhethwe yikomiti labadidiyeli bePAFF ukuba ibe yingxenye yamafilimu azobe ekhonjiswa kule festiveli eqeda iminyaka ewu-31 yasungulwa.
KwiThe Honeymoon kulingisa phambili uMinnie onguLu, usomahlaya uTumi Morake onguNoks noKajal Bagwandeen onguKat. Ngamafuphi, le filimu ikuthatha ikubeke ngengoduso (Kat) elaxazwa yisoka layo ngobusuku obandulela umshado omhlophe. Nakuba kunjalo uKat akavumeli lesi sigameko simthene amandla aze aphathwe wukhwantalala kodwa uthatha izitolomisi zakhe ezimbili ayoshaywa nazo wumoya eZanzibar lapho befika khona bavuselele ubungani babo.
UMinnie usanda kudalula ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi le filimu izoqala ukubukwa ngokusemthethweni kuleli ekupheleni kwenyanga ezayo. Oyinhloko esabambile kwiKwaZulu-Natal Film Commission, uVictor Senna, uhalalisele le filimu ngokuqokwa kule ndumezulu yombuthano waminyaka yonke.
Uthe lokhu kwenzeke kahle ngesikhathi belungiselela ukukhombisa le filimu futhi kuzolekelela ekuheheni abantu ukuba baphume ngobuningi babo ukuyoyibuka iThe Honeymoon ngoMashi 31. Ube esenxusa ababambe iqhaza endimeni yokudidiyelwa kwamafilimu ukuba basebenzisane nekhomishini ayiholayo ukuze bathole uxhaso olunjengokufukulwa ngolwazi nangemali.
Oyisikhulu esiphezulu seNational Film and Video Foundation (NFVF), uMakhosazana Khanyile, uthe ujabule kakhulu ngophaphe okuchonywe ngalo iThe Honeymoon. Ube esefisela ithimba labadidiyeli nelabalingisi okuhle kodwa kule festiveli.