AKATHI vu nakancane ngokushiwo ngaye ezinkundleni zokuxhumana owezinhlelo zethelevishini nobenesasa evela kwiThe Real Housewives of Durban (RHOD) edlule.
Kusukela ngempelasonto kulokhu kuchwaze njalo ezinkundleni zokuxhumana, abantu benameka isithombe Nonkanyiso " LaConco" Conco enoZuma emcimbini. Lesi sithombe sijabulise abaningi besifazane beveza nokuthi inkukhu inqunywe umlomo kwababezitshela ukuthi laba abasabhekani.
Akugcinanga lapho kuphinde kwasabalala ne-video uLaConco emdonsa ngengalo uZuma emlekelela esuka esiteji ehla ngezitebhisi. Le video ishiye abaningi bengawuvali umlomo ngenhlonipho anayo ngoyise wengane yakhe. ULaConco waphenduka undabuzekwayo kwiRHOD ngokungaliphathi igama lalowo owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, onguyise wengane yakhe.
"Ngiyakuthanda ukuthi uyamvikela ubaba nendodana yakhe. Ukhulile uLaConco angikhathali noma ningathini uyakwazi ukuvikela izindaba zakhe ezinkundleni zokuxhumana," kusho uKhona Koko.
" NakwiThe Real Housewives of Durban akazange akhulume kabi ngaye, kunalokho uyamtusa kakhulu," kusho uKgaugelo.
Kuyimanje abantu basazibuza bayaziphendula ukuthi ngabe asephinde ama lapho ayeke ama khona amanzi phakathi kwalaba bobabili. Yize kunjalo kuchwaza ezinkundleni zokuxhumana kodwa uLaConco akakaze aphawule abanikeze izimpendulo abazifisayo.