KUVUKE amanxeba kuPrince Kaybee nge-video kaSomlomo wesiShayamthetho saseFree State, uNksz Zanele Sifuba, wakhumbula kusabalala i-video eyayitshengisa umphambili wakhe ezinkundleni zokuxhumana. UKaybee kuzokhumbuleka ukuthi kwahlwa emini kuyena, abantu bebona ubuntu bakhe njengoba ethi le video imthunuka amanxeba.
"Ngikhumbula ngisocingweni nomama isikhathi esingaphezulu kwehora ubuntu bami busabalele. Ngangingakaze ngimuzwe ephoxeke ngaleya ndlela. Wakhala ocingweni futhi angikakaze ngikwazi ukuzithethelela," kusho uKaybee.
Eqhuba uthe kubona bonke ubunzima abhekene nabo uNksz Sifuba, ubazi kahle. "Ukuzisola, ukuhlambalazeka ezinganeni zakhe nasemndenini, ngiyakwazi ngoba yibona abantu okumele aqine abhekane nabo," kusho uKaybee.
"Isizathu esasenza umama wakho akhale yingoba wayezibuza ukuthi uyithathaphi le AK47," kusho u-Elliot Tuba enkundleni yezokuxhumana.
"Kwakungelona iphutha lakho ngoba akuwena owayinameka," kusho uTrayce.
"Naye akulona iphutha lakhe, akazange ayinameke le video," kunanela uMaxhamela.
"Abantu ngeke bakubone lokhu kuze kube kwenzeka nakubona," usho kanje uBisa.