SEBEKHOMBISE ukuzwelana nensizwa evumbuke nezinsolo zokunukubezwa ngokocansi wumsiki wengqephu wakuleli ohlonishwa umhlaba wonke ngamava akhe kulo mkhakha.
UDavid Tlale usolwa ngokudlwengula enye yezinsizwa ezikulo mkhakha wemfashini, ezibiza ngoMr Zackiekins (Zack) ku-Instagram. Ngokwesitatimende esishicilelwe nguZack, lokhu kwenzeka eminyakeni emithathu eyedlule ngesikhathi engaphansi kwe-African Fashion International (AFI).
Le nsizwa ewusomabhizinisi osafufusa iphinde yaveza nokuthi sekuphele iminyaka emithathu bungehli ubuthongo, ibhekene nengcindezi yengqondo ngokwenzeka phakathi kwabo bobabili.
Izakhamuzi zakuleli zibambe ongezansi ngalezi zinsolo ezibhekiswe kuTlale, zamkholwa futhi zazwelana noZack. Abantu bebelokhu beyiduduze njalo le nsizwa mayelana nesimo ebhekene naso.
"Ngiyaxolisa ukuthi udlule kulesi simo. Siyakukholwa futhi sizoma nawe," kusho Masadiamond.
"Ngiyaziqhenya ngawe ngokuzibekela udaba lwakho," kusho uTebogo Itholeng.
"Ngiyaziqhenya ngawe nokuthi usibikele lolu daba lwakho," kusho uBrian Nzilane.
"Uthando nokukhanya kuwe Zack, uzobuthola ubulungiswa obukufanele," kusho uLotus Flower.
Ekhuluma nelinye lamaphephandaba esiNgisi, iTshisalive, uTlale uveze ukuthi naye usashaqekile ngokubhecwa ngobende inyama engayidlanga.
UTlale uthe kungamampunge konke lokhu asolwa ngakho kodwa akazophawula agxile kulezi zinsolo ngoba usabonisana nethimba lakhe. UZack uveze ukuthi uTlale ubengomunye wabantu abebukela kubona futhi emhlonipha kakhulu nomsebenzi wakhe.