BAPHINDE bathola ithuba lokuthi babe semcimbini owodwa nosaziwayo baphesheya kwezilwandle abanye bosaziwayo bakuleli abazobonakala beqhudelana emcimbini wezindondo ama-2021 People’s Choice Awards ose-USA.
Muva nje lo mcimbi uvulele osaziwayo base-Afrika ukuthi baqokwe kuwona emkhakheni we-African Social Star of 2021.
Ngonyaka odlule le ndondo yakhala yemuka no-Elsa Majimbo waseKenya kanti uBonang Matheba wavotelwa wathola indondo kulo mcimbi njengomkhangisi wase-Afrika ohamba phambili ngo-2019.
Ngalo mcimbi kuhloswe ukubungaza imisebenzi yosaziwayo basemazweni ahlukene emhlabeni.
Okuhlukile ngawo wukuthi bonke abasuke beqhudelana bakhethwe ngabalandeli babo ukuze babe yingxenye yawo.
Kulo nyaka ingu-40 imikhakha abazoqhudelana kuyona, okukhona kuyo eyethelevishini, umculo, amafilimu nokunye.
Ukuvotela usaziwayo omthandayo kuvulwe ngoLwesithathu nokuyoze kuvalwe ngoNovemba 17.
Kulo nyaka osaziwayo base-Afrika abazoqhudelana emkhakheni owodwa kubalwa bakuleli okukhona kubo uLasizwe Dambuza, Boity Thulo, Mihlali Ndamase noWitney Ramabulana.
Abanye base-Afrika kubalwa kubo umrepha waseNigeria uFalz, u-Azziad Nasenya waseKenya, uTyra Chikocho AKA Madam Boss waseZimbabwe noSofiyat Ibrahim AKA The Odditty waseNigeria.
Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe uBoity uthe, ukuqokwa kwakhe kufana nokufezeka kwamaphupho akhe.
“Ngizizwa ngithobekile ukuthi umsebenzi engiwenzayo uyabungazwa manje, ikakhulukazi emcimbini omkhulu ofana nalona. Okusuka enhliziyweni yami ngithanda ukubonga wonke umuntu engisebenza naye kanye nabalandeli bami,” kusho uBoity.
UMihlali uthe uyathemba ukuthi uzobuya nayo le ndondo.
“Angikholwa namanje ukuthi ngiqokwe emcimbini omkhulu ofana nalona. Ukuqokwa kwami akukhona nje okwami kuphela kodwa nawo wonke amaciko angatholi ukuhlonishwa ngomsebenzi wawo kulo mkhakha wobumnandi esikuwona,” kusho uMihlali.
Umcimbi walo nyaka uzoba ngoDisemba 7, nozobonakala bukhoma i-E! Entertainment (124), ngo-2.00 intatha.
Uyobe usuphinda ngoDisemba 8, ukhonjiswa ngo-8.00 ebusuku kusona lesi siteshi.