KULULA ukucabanga ukuthi ngemuva kokuwina umncintiswano wengoma eyahlukanisa unyaka emsakazweni omkhulukazi Ukhozi FM ngo-2021, izinto sezimhambela kahle. Kodwa uDJ Hlo (25) owawina ngengoma ethi Isibani, uthwele kanzima.
Uphunga ukwethukwa nokuphendulwa inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana. Babodwa abamqasha bafune ukumkhokhela ngotshwala. Muva nje, uma kufa osaziwayo, abantu abanqeni ukuthi babhale ezinkundleni zokuxhumana bathi ngabe kungcono ukube kufe yena.
Lo mculi uthi uphatheke kabi impela ngale nzondo ayitholayo ngendlela yokuthi useze wakwamukela ukuthi usengene eqoqweni labaculi besifazane abahlale bebekwa amabala njengoKelly Khumalo noLady Zamar.
"Ngeke ngiqambe amanga, ngike ngasaba ngisho ukuyodlala ezindaweni ebengiqashwa kuzo ngoba bekungithusa obekubhalwa emakhasini ami. Ngiqale manje ukwazi ukubhala into engiyifisayo emakhasini ami ngoba bengisaba kona ukungcofwa ngaze ngama nokuya emicimbini," kusho uDj Hlo.
Eqhuba uthe kukhona isikhathi lapho eze wazidela, wabuza kubantu ukuthi nanoma ngabe yini lena abamzondela yona ngeke yini bayidlulisa?
"Abanye bathi basuke bengidlalisa nokwenza ngihambe ngikhululeke manje ngoba noma ngihlangana nabantu bayangijabulela bacele ukushutha. Ngesinye isikhathi ngiyaba nokusaba ngoba noma bedlala babuye badlulele. Kuwona lowo mnyama, ngijabuliswa wukuthi kukhona okuhle okuvelayo, njengoba sekunabantu abahlangane njengabalandeli bami nokuyinto entsha kumapiano," kusho yena.
Laba balandeli uthe bazibiza ngeDJ Hlo Nation. Abanayo imifaniswano njengoba kwenzeka kumaskandi. Lo uDj uthe konke abazokwenza uzobeseka kukhona njengoba bephakamisa igama lakhe.
Yize sekunjalo kodwa nezinkinga ziba khona njengoba eseyintokazi encane nefikayo endimeni yomculo. UDj Hlo uthe ukuwina ingoma yonyaka kumele engabe kunezinga elithile afinyelele kulo futhi nabantu abalihloniphayo kodwa kunalokho ubuye abukelwe phansi.
Ngesikhathi abanye oDj bekhokhelwa imali yena bafuna ukumqasha bese bemthembisa utshwala nokuthi bazomveza ebantwini. Uma kungenjalo uzothola abafuna ukumqasha ngoR2 000 onganeli ngisho nezindlelo zokuhamba amahora aya kuleyo ndawo.
"Ukungathembeli emculweni wodwa kungisizile ngoba ngiyakwazi ukuphila ngingakuvumeli nokuxhashazwa ngabantu. Ukuba nabaphathi abawaziyo nakho kuyangisiza ngingaphatheki kabi noma ngingaqashwa," usho kanje.
Indawo yakhe yokuzicwala iThe Palace Hair and Beauty Salon, uthi isikwaze ukuqasha abantu abayishumi nahlela ukwandisa isibalo avule nenhlangano engenzi nzuzo ukusiza oDj abasafufusa.