BALOKHU bebabaze njalo abantu nabalandeli besihlabani somculi waphesheya kwezilwandle esikhiphe ingoma ekhuluma ngamadimoni nendlela esiyiqophe ngayo. UDoja Cat muva nje ushaye ngengoma ethi Demons naqophe ivideo esasilwane esimnyama sucu esithi asifane nalezi zamafilimu anamazimuzimu asatshwa kakhulu abantu.
Akagcinanga lapho uphinde wathwebula izithombe ezahlukene ekotele odongeni sakuba isicabucabu nokudide abantu abaningi. Le ngoma yakhe yize iyintsha kodwa ingenye yezinto okukhulunywa ngazo kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Phakathi kwabantu abashaqekile kubalwa nezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezisola ukuthi lo mculi kungenzeka ukuthi ukhalela isiko. Lezi zakhamuzi zisho kanje kulandela ukuthi uDoja Cat aziwa njengendodakazi yomunye wabalingisi bakuleli nokwenza imvelaphi yakhe ikhonjwe kuleli. Iningi labantu lisola ukuthi kungenzeka ukuthi sekukhaleleka isiko ngoba kuyashaqisa alokhu ebonakala ngakho ezinkundleni zokuxhumana.
" Kufuneka usiko la, buya mngani," kululeka uKhanyi Mbau.
" Udinga ukufakwa kahle esibongweni sakubo ngokwesiko," kujobelela uNobuhle_uzero.
" Awubuye MaDlamini emazweni," kuzikhalela uMs Dlamini.
" Kade ngiyicula le ngoma, ubaba uDumisani akangenele," kunanela uNolu Nozewu.
" Ngeke akabuye enzelwe imbeleko," kuzikhalela uBee Mkhwanazee.
Yize abantu abaningi beshaqekile kodwa amaciko amaningi asebenzisa izindlela ezahlukene zokucikoza uma kuqoshwa noma kuthwetshulwa izithombe. UDoja ungomunye wamaciko akukhonzile ukuqhamuka nokwehlukile.