IZAZI kwezobuchwepheshe besimanje zithi, uSK Khoza angase abeyisicebi uma eqhubeka ngegiya aqale ngalo enkundleni yezokuxhumana eyaziwa, nge-OnlyFans.
Lokhu kudalwa ukuba sematheni kukaKhoza ngoLwesithathu, ngemva kokusabalala kwe-video emveza ekhotha isitho sangasese sowesifazane kepha intokazi ayibonakali yona.
I-Onyl-Fans, yinkundla yokuxhumana ngezobuchwepheshe esingenisile kwabaningi neyasungulwa eLondon, e-United Kingdom. Yehluke kancane ngoba ivumela abantu abangaphezu kweminyaka engu-18, ukuthi bafake izithombe nama-video anoma yini abasuke befuna ukuzimaketha kuyona.
Abajoyinile nabashicilela okuthile kuyona bazibeka ethubeni lokukhokhelwa zinyanga zonke ngabalandeli babo, abasuke benqume ukujoyina (subscription) lelo khasi labo.
Yize kuvumelekile ukufaka noma yini kodwa kubukeka sengathi iningi labantu bakuleli lisebesebenzisa le nkundla, ukushicilela izithombe eziheha ngokocansi nama-video anjengalawo afakwe nguKhoza.
Lo mlingisi odume ngendawo kaShaka, abeyidlala kwiThe Queen, ukuqinisekisile ukuthi useyilungu lale nkundla. Ubhale kwi-Instagram yakhe ukuthi abantu abayeke ukubabaza kodwa bamlandele ekhasini lakhe le-OnlyFans, lapho azibiza ngoKing (@blackmister).
Abalandeli bakhe ku-Instagram batshengise ukumeseka ngesinqumo sakhe, abanye bemgqugquzela ukuthi enze imali eningi kule nkundla kunokulingisa.
U-@Kgotla_mosiapo uthe “Abanye lapha bazenza ngcwele kodwa kuzoba yibona kuqala abazobe sebeyolandela ikhasi likaKhoza. Vele ucansi luyimboni yezigidi. Imali azoyenza lapha izomsiza akhokhele izindleko zakhe”.
Kule nkundla abantu bazenzela imali ngokukhokhelwa ngabalandeli babo njalo ngenyanga noma bakhokhele ukubuka isithombe ngasinye. Baningi abanye osaziwayo asebeke baphumela obala ngokwenza izigidi zabo kule nkundla.
UTebogo Thobejane, osanda kuvula indawo yasebusuku enamantombazane adansayo (stripers) bese ekhumula phambi kwabantu asale egqoke izingubo zangaphansi kuphela, watshela uMacG ukuthi ngenyanga wenza uR200 000 ngekhasi lakhe le-OnlyFans.
Omunye owaphumela onekhasi kule nkundla, nguMoonchild Sanelly ongumculi, nojwayele ukunandisa egqoke iphenti.