BAVUKWE isikhwele abalandeli bakaPearl Thusi bebona izithombe zikaDJ Zinhle noNomuzi Mabena owaziwa ngelikaMoozlie. Lezi zithombe esezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ziveza kumnandi lezi zintokazi zisemanzini zingcebeleka olwandle.
Okususe umsindo ukuthi zithi azifane nse nalezo ezathathwa uPearl noDJ Zinhle phambilini nezasusa umsindo nazo ngaleso sikhathi besolwa ngokusondelana kakhulu.
UMoozlie ufake lezi zithombe zihambisana nombhalo othi "Hakuna Matata" nokwenze abantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bashaye amakhala. Abalandeli babo bathe sekucacile ukuthi izinsolo ezake zavela phambilini zokuthi sebeqhelelene ziyaqina uma esebonakala engcebeleka noMoozlie ngaphandle kukaPearl.
Lezi zithombe zenze abantu bakhumbula nokuthi uPearl wayengekho ephathini yengane kaDJ Zinhle.
" Ubungekho ephathini kaKairo nezingane zakho zangaya. NinoZee Makoti benihlala ninamekana ezinkundleni zokuxhumana ngakho konke," kusho Kim Laura.
Eziphendulela uPearl uthe abantu abayeke ukuzikhathaza ngabo ngoba alikho elibi phakathi kwabo. " Bakwethu mina noZee siseyibona abangani, aniyeke le nonsensi manje," kusho uPearl. Babodwa abagxeka uPearl ngokuchaza bathi bekumele akushaye indiva lokhu. Abanye bathi wenze kahle ngoba ubungani busho ukubambisana ndlela zonke.
" Kuhle lokho kodwa uma ubona sengathi uwena kuphela ophokophele kulungile ukuqhela umthande le kude," kusho u-Azenathi.