KUPHELE ukuqina kubalandeli besangoma sodumo uGogo Maweni, ngemva kokuba sishiye esingalazi, sibatshela kwezikabhoqo.
NgeSonto isangoma esesiphenduke usaziwayo ezinkundleni zokuxhumana, sethule i-vidiyo kwiTwitter sikhuluma nabalandeli baso.
“Sanibonani, ngithi anginikhumbuze. Ngifuna nikwazi futhi lokhu. Ngiyacela ukuthi uma nihleba ngami nithi ngimubi, nikhumbule into eyodwa. Ngiyisifundiswa, ngineziqu, nginemali nginemizi yami, nginomhlaba nezimoto futhi ngishadile. Ngingumama wamadodana amathathu ayisimanga kanti ngingaya kunoma yiliphi izwe uma ngifisa ukuya,” kubhoka uMaweni, ebhala kwiTwitter.
Uqhube wathi: “Mina angincikile emadodeni futhi angiyiceli kubazali imali. Angisitholi isibonelelo sikahulumeni. Cha, zithandwa angiwutholi uSASSA, noR350. Cha! Ngiyacela-ke bakwethu ukuthi uma nihleba nikhumbule lezo zinto ezimbalwa, asikho ezingeni elilodwa nani.”
Emuva kwezinsuku ezimbili ebhale lokhu ufake isithombe semoto yakhe entsha yohlobo lweMercedez Benz CLA 200, imbozwe ngoplastiki.
Babodwa abamhalaliselile ngemoto yakhe kanti abanye bebedelela bekhala ngoplastiki omboze imoto.
Omunye wabo u-@mary_dawn_lee, othe: "Kungani ifakwe iplastiki sengathi ulofu wesinkwa. Ibingeke isongwe ngendlela ebukekayo."
UGogo Maweni wodumo lohlelo lwethevishini Izangoma Zodumo, useke wasebudlelwaneni nabadlalli bebhola, uThabo Makhale owayedlalela i-Orlando Pirates, noSiyabonga Zulu owayengumdlali weMamelodi Sundowns abanengane naye. USK Khoza ongumlingisi futhi banengane naye.