ABESIFAZANE bakuleli baqoke ukugqoka izingubo ngosuku lokufihlwa (namhlanje) kwesilomo sikadokotela uSindi Van Zyl.
Baqale i-#ADressForSindi enkundleni yokuxhumana uTwitter ngesifiso sokuhlonipha uDkt Van Zyl. Abaningi bafake izithombe zabo begqoke izingubo ezinamaphakethe njengoba kade kuyizona abedume ngazo uDkt Van Zyl.
Lodokotela uzakhele ugazi kubantu abaningi njengoba ebebuye abe ngumsakazi kwiKaya FM izinhlelo zakhe zigxile kwezempilo kanti ubebuye abhale nangezihloko ezithinta ezempilo nasemakhasini ezokuxhumana.
Abantu bababaza inhliziyo yakhe enhle kwazise ubebuye aluleke abantu mahhala ezinkundleni zokuxhumana ngezinkinga ababhekene nazo.
Ungene esibhedlela ngoFebhruwari noyaka ephethwe yiCovid-19. Ubengasakwazi ukuziphefumulela, nokuyilapho engene khona e-ICU. Ngenkathi esasesibhedlela uDkt Van Zyl, umyeni wakhe uMnuz Marinus Van Zyl wacela umnikelo kubalandeli bakhe ngoba imali yokumgcina esibhedlela yayisiphelile. Abantu bakuleli basukumela phezulu banikela imali engaphezu kuka R1 million ngohlelo lokuqoqa imali ngaphansi kwehashtag ethi #GiftSindiLife.
Ikhuluma indodakazi yakhe uNandi Van Zyl emngcwabeni wakhe namhlanje ithe, “Ubenothando ethanda wonke umuntu. Ayikho into ebimhlula, iziguli zakhe ubeziphathisa okomndeni.”
Inkonzo yomngcwabo wakhe ibivezwa bukhoma ku-Youtube