NQOBILE MASIMULA
KUPHELILE ukuqagela kulabo abebefunisela ngezothando losaziwayo bakuleli, olushisa izikhotha kulezi zinsuku.
UDBN Gogo onguDJ, noFocalistic baqale ukusolakala ukuthi bayajola ngosuku lwezithandani, ngesikhathi uDBN Gogo efaka isithombe sezipho zakhe maqede waveza uFocalistic, bebonakala besehhotela thizeni.
Muva nje, baveze ukuthi bandawonye eParis, baze bashutha isithombe bendawonye.
UFocalistic usezakhele udumo emculweni wama-piano waze wahlanganisa inqwaba yezingoma nabaculi abaningi basemazweni angaphandle.
UDavido waseNigeria, ongomunye wabaculi abanohlonze aseke asebenzisana nabo futhi wakhipha i-EP ngokuhlanganyela naye kanti inezingoma ezine.
Umthombo wephephandaba osondelene nabo, uthi sekunesikhathi baqala ukujola futhi esikhathini esiningi babandawonye.
“Cishe sebeniminyaka engaphezu kwemine bethandana ngoba iningi labajwayelene nabo belazi ukuthi kukhona okwenzakalayo phakathi kwabo kodwa bebezama ukuyifihla into yabo. Kusho ukuthi seluvutha amalangabi manje njengoba sebevumelane ngokuthi baphumele obala ngothando lwabo, baze bafakane ezinkundleni zokuxhumana,”’ kusho umthombo.
Yize izithandani zithuse abaningi ngokuthandana kwazo kodwa abanye babalandeli babo kwiTwitter, bagumbe izithombe ezisezinkundleni zokuxhumana zabo baze bafike kwesinye esasifakwe nguDBN Gogo ngoMeyi 28, 2018 efisela uFocalistic usuku oluhle lokuzalwa waze wabhala ukuthi “’Space Wami”.
Kusobala ukuthi abaculi bazimisele ngokuveza obala ukuthandaba kwabo njengoba bobabili befake emakhasini abo kwi-Instagram.
NgoLwesine uFocalistic ufake isithombe sabo bobabili sihambisana nombhalo othi: “Paris sizokukhumbula, London uyalandela”.
Comments from the couple.........