INKAKHA yomlingisi womdlalo osakazwa kwiBET othi Isono, uRami Chuene, uthi awubala amadoda amathathu kowesifazane oyedwa uma kuyiwa ocansini. URami olingisa indawo kaJumima Ndlovu, ubephendula inkulumo yomholi we-ACDP uMfundisi Kenneth Meshoe, ayenze ngesithembu sabantu besifazane.
"Uma owesifazane ethandana namadoda amathathu futhi wonke emfuna ngobusuku obubodwa, kuzokwenzekani ?“ kubuza uMeshoe. URami utheakekho yini otshele umfundisi ukuthi abantu besifazane bengamelana namadoda amathathu ngosuku olulodwa ngamahora.
"Hhayi ukumelana nje kodwa angawaguqisa phansi ngamadolo, indoda ngayinye. Nangosuku olulandelayo, aphinde afequzise isinqe sakhe sengathi ubesenamasonto agcina. Kuvele kungihlekise ukuthi amadoda asaqhubeka nokubukela phansi abantu besifazane uma kuyiwa ocansini," kuchaza uRami oseneminyaka ewu-25 eyibambile kwezokulingisa.
Uthe okwenza amadoda acabange ukuthi ayasatshwa yingoba akekho oseke waba yivulandlela. Abanye abantu besifazane bavumelene noRami kodwa amanye amadoda athi kuyihlazo akushoyo futhi ukhuluma ngamayengandoda hhayi abantu besifazane abajwayelekile.
"Awukaze wathola indoda yangempela," kusho uSgwili Sangempela.
URami useke wadlala indawo kaGracious "TGOM" Mabuza kwiThe Queen, ekaThato kwiScandal! nekaKhomotjo Mojalefa kuMuvhango. Kuzo zonke izindawo alingisa kuzo ufike abe ngumuntu wesifazane ongungqoshishilizi. Amagalelo akhe emdlalweni othi Isono aze abonwa ngabagqugquzeli beSouth African Film and Television Awards (Saftas) bamqoka emunxeni weBest Supporting Actress-Telenovela. Kulo munxa uzodlana imilala nezinye izingqwele kulo mkhakha okubalwa uMichelle Botes odlala indawo ka-Angelique Price kwiLegacy ekhonjiswa kuM-Net (DStv 101) noQuanita Adams onguLeatita Meintjies emdlalweni okhonjiswa kwi-kykNET (DStv 144) othi Arendsvlei.
Uhalaliselwe ngabaningi ezinkundleni zokuxhumana kanye nozakwabo okubalwa noLoyiso McDonald odlala indawo kaKagiso Khoza kwiThe Queen, uDineo Langa owayenguKea Khoza, uNokuthula Mavuso, uRenate Stuurman.
*Abahlabene bazomenyezelwa namuhla kwiSABC 3 FM nakwiMzansi Magic kusukela ngo-7 ebusuku.