U-AYANDA Ncwane uthe ucela ukunikwa ithuba lokuchaza kahle ngezinsolo zokuthi ucwasa ngokobuhlanga eziqubuke emuva kwesiqephu sokugcina sohlelo akulo iReal Housewives of Durban.
Lo somabhizinisi, oshade nowayengumculi wokholo uSfiso Ncwane ongasekho, ungomunye wabesifazane okukhonjiswa amazwibela empilo yabo ohlelweni lwakuShowmax, iReal Housewives of Durban.
Kulolu hlelo u-Ayanda uvela no-Annie Ludick, Kgomotso Ndungane, Nonkanyiso Conco, Nonku Williams noSorisha Naidoo.
Esiqeshini sangoLwesihlanu u-Ayanda uzwakale echazela umfowabo uPhupho Gumede, ngobekwenzeka engekho wathi "uKgomotso akayena umuntu ungumTswana".
Lokhu akwehlanga kahle kwabanye ababukeli bohlelo bemsola ngokucwasa ngokobuhlanga.
"Umbhalo otolika esikushoyo ovela ngezansi awuyibekanga kahle le nto. Ngizoyichaza kahle kodwa esiqeshini esizohlangana kuso sibuyekeza isizini yonke yohlelo ukuthi indlela esikhuluma ngayo eKZN ukuthi sithi uma kade kuhlangene abantu sithi bekukhona umuntu, iNdiya, iKhaladi nomXhosa. Uma abantu bengilalele kahle ngithe akasiye umuntu, umTswana. Ngizoyichaza kahle kodwa le nto. Angeyisi nje mina sidalo," kusho u-Ayanda.
U-Ayanda uthe ubenesikhathi esimnandi eqopha lolu hlelo futhi ubehlale ejabule.
Uthe ungene kulo enenqwaba yezicelo zokuthi abe nolwakhe yedwa angakazamukeli.
"Angikaze ngikucabange ukuba nohlelo oluveza impilo yami. Izicelo zilokhu zingena kusukela ngo-2017. NakwiReal Housewives angikaze ngizibone ngikhona kodwa kuthe uma kuyisikhathi sikathaqa, ngathi angiyenze ngoba angisebenzi. Mningi umsebenzi owenziwa uma kuhlanganiswa uhlelo olunjengalolu ngibona kuzoba nzima ukuba nolwami. Ngingumzali okhulisa izingane zabafana yedwa ngakho angikwazi ukwenza umsebenzi owodwa, kumele ngenze eminingi ngesikhathi manje ukwenza uhlelo olulodwa kuzoba yinkinga," kuchaza u-Ayanda odalule ukuthi usazimisele ngokuba nengane yentombazane.
Uthe kukhona umsebenzi omkhulu asanda kuwuthola kodwa akakakulungeli ukuwudalula okwamanje kodwa konke kuzohlala obala maduze.