KUNGAKAPHELI ngisho inyanga kungcwatshwe ingoduso yomrepha wakuleli okusolwa ukuthi yazibulala sekuvumbuke amavideo ashaqisayo ngempilo ebephilwa yilezi zithandani.
U-AKA usekhiphe isitatimende mayelana nokusabalala kwama-video athusayo akhombisa uNelli Tembe (22) ongasekho emhlabeni ekhala efuna unina.. Kuzokhumbuleka ukuthi kwakuyiSonto ngo-Ephreli 11 kuvukwa ngezindaba ezishaqisayo zokuthi uNelli usakazeke phansi esuka phezulu kwelinye lamahhotela eKapa washona.
Kwisitatimende esishicilelwe u-AKA uveza ukuthi angeke adalule izinkinga ebebenazo njengezithandani ngenxa yalezi zinsolo zokuthi ubemhlukumeza nazichithayo. "Kuyadumaza ukuthi ngizithole sekufanele ngikhulume ngobudlelwano bami noNelli. Okudumaza kakhulu ukuthi abantu ebesibathanda, sibathemba ngezinkinga zethu basebenzisa zona njengesikhali sokungibheca kabi," kusho u-AKA.
Uthe akayena umsolwa kuphenyo olwenziwa amaphoyisa kodwa ungufakazi osebenzisana namaphoyisa.
Uvumile kulesi sitatimende ukuthi njengabo bonke ubudlelwano bothando nabo bebenazo izinkinga njengezithandani kodwa hhayi ngalendlela esekubukeka ngayo.
U-AKA uthe obekubuye kubathweswe ubunzima kakhulu othandweni labo ukuthi basemehlweni abantu njengoba bedumile. Imithombo esabalalisa lama video uthe useyayazi kahle kodwa angakuqinisekisa ukuthi ubemthanda kakhulu uNelli. Yingakho ezinikele okutholeni usizo lokwelulekwa ngokwenqondo nangokomphefumulo ngakho konke okuphathelene nokushona kwakhe.