BALOKHU bekhononde njalo abantu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukungagculiseki kwabantu ngezinga lomculo weciko laseLimpopo nezinsimbi ebezidlalwa kumaSouth African Music Awards (SAMA).
Umcimbi wezindondo obuseSun City eNorth West ngempelasonto usuqubule umsindo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi uMakhadzi engaphathekanga kahle ngendlela obuhlelwe ngayo. UMakhadzi usebhale kaningi aphinde acishe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi akasafisi lutho oluyophinda lumhlanganise namaSAMA.
Ukhale nangokuthi ngisho esiteji akenzanga kahle ngenxa yokuthi ubeklamelwe isikhathi esincane futhi esebenzisa iselula ukulalela umculo nokuzilungiselela.
Ukunandisa sakuphambana nezinsimbi uMakhadzi uveze ukuthi kudalwe izinkinga eziningi abebhekene nazo ngesikhathi kulungiselwa ngoba nabamakhamera abecele ukuzilungiselela phambi kwabo kunqatshiwe. "Ngicele nentuthu neziqhumane bathembisa kodwa bangakwenza. Indondo engiyitholile kube isibusiso samadlozi ami, ngineqiniso lokuthi lo muntu oshintshe igama uzoxoshwa kusasa. Angisafuni lutho olungihlanganisa namaSAMA. Ngizozenzela umculo weYouTube ukuze abalandeli bami bezongeseka khona ngaphandle kokwenzelela," kusho umbhalo kaMakhadzi osabalele nophinde wacishwa kwezokuxhumana.
Abalandeli bakhe bavutha bengabaselwe bekhala ngokuthi wenzelwe phansi uMakhadzi abamaSAMA futhi akuqali ngaye lokhu sekujwayelekile kubaculi besifazane. Abagcini ngalezi zinsolo baphinde benza isibonelo ngoBabes Wodumo naye okwasuka umsindo eminyakeni eyedlule engayitholanga indondo yonyaka ayebhekwe kuyo.
" Emuva kweminyaka emihlanu akusho (uBabes Wodumo) ngamaSAMA kusafana. Ake silinde sibone ukuthi kwenzekani kuMakhadzi," kusho uMoses esho enameka i-video kaBabes eduba amaSAMA ekhala ngokuthi ziyathengwa izindondo zawo.
"Ungakhathazeki ndlovukazi yama-Afrika, bahlulekile ngoba sekwenzeke konke ukwazile ukunandisa ngokwezinga lakho," kusho uRudzani.
"Angisoze ngawaxolela amaSAMA ngokucekela phansi uMakhadzi bamnike nemizuzwana ewu-20 yokunandisa ekade elindile," kusho uNelumbo Nucifera.
Kuzona zonke lezi zinsolo nomsindo okhona abamaSAMA bebengakathi vu abashicilelanga ngisho isitatimende esicacisayo ngokwenzekile.