ABE-SHOWMAX bakuchithile ukuthi ukhokhelwe yibona umshado wezithandani esezidlule ezivunguvungwini kodwa zalokhu zimile othandweni lwazo.
Lokhu kulandela inzwabethi yokuthi umshado walaba osaziwayo “ubuyisikeshi” sokunyusa izibalo zohlelo lwabo lwethevishini.
Izithandani zodumo kwezomculo, uMandla “Mampintsha” Maphumulo noBongekile “Babes Wodumo” Simelane bebeshada ngoMgqibelo emcimbini obekungowabakhethiweyo kuphela. Izolo bashade seziphelele izimenywa zabo eziqavile.
Isolezwe ngeSonto lenze konke okusemandleni ukuzwa ukuphawula kwabakwaShowmax mayelana nalezi zinsolo.
UMqondisi weziteshi wakwaMultiChoice, uNomsa Philiso, ukuqinisekisile ukuthi ikhona imali enikwe uMampintsha noBabes kodwa abangenanga ezindlekweni zomshado wabo.
“Yize singeke siphawulele lezi zithandani kodwa konke okwenzeka ohlelweni lwabo yilokhu abakhethe ukukwenza. Njengazo zonke izinhlelo, ikhona imali enikwa abasuke beyingxenye yezinhlelo zethu. IShowmax kayizange ikhokhele umshado kodwa izobe iwuqopha njengengxenye yohlelo lwayo,” kusho uNomsa.
Baningi abaze basola ukuthi bayalingisa labo saziwayo bodumo, kwazise ukuthi akuzwakalanga ngisho kunomcimbi umembeso, okuyiwona ojwayele ukwandulela umshado.
Kusolwa ukuthi umshado uyingxenye yesikeshi sohlelo lwempilo yabo, Uthando Lodumo, oluzokhonjiswa kwiShowmax maduze.
Umshado ufika nje bekunamahlebezi athi uBabes Wodumo uzithwele kodwa le mibiko ayikaze iqinisekiswe.
Labo saziwayo bathembisana umshado ngo-Okthoba wonyaka odlule.
Okubuye kwaxaka kube wukuthi kuthintwa imenenja yalezi zithandani, uSbu Mncube, iveze ukuthi imatasa nezinhlelo zokubhukhwa kwalaba, akanalwazi ngezindaba zomshado.
“Ngabe ngidlala ngawe uma ngithi kukhona engikwaziyo. Mina engikwaziyo njengomuntu esisebenzisana nabo ngokwebhizinisi lomculo wukuthi kumele bayonandisa eVryheid namhlanje (izolo),” kusho uMncube.
Okwamanje akucaci ukuthi uhlelo luzoqala nini ukukhonjiswa.
Uthando Lodumo lukhiqizwa yinkampani eyenza amafilimu, iParental Advisory Production, yababe ngabalingisi bakuleli, uLungile Radu, Thomas Gumede, Siyabonga Ngwekazi noSimphiwe Mhlongo.
Lezi zithandani sezidlule ezigamekweni eziningi selokhu zaqala ukuphumela obala ngothando lwazo.
Wubani ongakhohlwa yisigameko lapho umfundisi waseThekwini, uMbhishobhi Vusi Dube, engena egamanxa ekuxazululeni izinkinga zalezi zithandani, ezama ukududuza uMbhishobhi Welcome Simelane, onguyise kaBabes Wodumo owayekhala ngokuthi ithakathiwe indodakazi yakhe.
Kwaze kwaba khona izinhlangano zepolitiki ezavulela uMampintsha icala emva kokusabalala kwe-video lapho ayeshaya khona isithandwa sakhe.
Imizamo yokuthola uyise kaBabes Wodumo, ngenhloso yokuzwa uvo lwakhe, iphunzile. Ucingo lwakhe beluvaliwe.