UYANDA umkhuba wokuqhinqa kwamaciko ezikhungweni uma kukhona angahambisani nakho. Kwaqala umculi we-opera, uSibongile Mngoma nabanye, bayoqhinqa emahhovisi oMkhandlu wezobuCiko kuzwelonke iNational Arts Council of SA (NAC) ngesikhathi benganeme ngokudliwa kukaR300 million ngezinye yezikhulu zalo mkhandlu.
Umqhinqo wamaciko waba nomthela omuhle ngoba uNgqongqoshe woMnyango wezezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnuz Nathi Mthethwa, usanda kumemezela ukuthi sekunophenyo ngokunyamalala kwalesi samba esasiqondiswe emacikweni. Kwaba nezikhulu zakwaNAC ezisamisiwe kuze kuphothulwe uphenyo.
OSibongile babuye bayoqhinqa phambi kwamahhovisi oMnyango wezobuCiko namaSiko kuzwelonke aseTshwane. Nakhona igcine iphumelele inhloso yamaciko njengoba izikhulu zalo mnyango zigcine zikwazile ukuxoxisana nawo.
NgoLwesine olwedlule, umculi futhi onguphrojusa ohlonishwa kakhulu kuleli, uSello “Chicco“ Twala, uhambe yedwa wayoqhinqa emahhovisi akwaMultiChoice ngoba ekhala ngokudliwa kwamandla abaculi bakuleli yilesi sikhondlakhondla senkampani ephethe iziteshi zethelevishi. Izolo, imizamo yokuthola ukuphawula ngezakamuva ngoqhinqo lwakhe, ayiphumelelanga.
Izolo (NgoMsombuluko) imbongi yakuleli uMzwakhe Mbuli nomculi wekwaito, u-Eugine Mthethwa, bancamele ukuyolala ezindlini zokusakaza zakwaSABC eGoli, ngoba bekhala ngokungadlalwa komculo wabo yiziteshi zokusakaza ezingaphansi kwalo msakazeli womphakathi.
Kwenzeka lokhu nje, laba baculi basanda kukhipha ama-albhamu amasha futhi athulwe kulezi zindlu zokusakaza ezinyangeni ezedlule.
UMzwakhe uthe umculo wabo uyacindezelwa ngamabomu eziteshini zemisakazo yakwaSABC ngenxa yokuthi bayenqaba ukugwaza.
"Ekuqaleni kwalo nyaka ngoMashi 10, sahambisa uhlu lwezikhalazo ezikhulwini zakwaSABC. Esinye sazo esasiseqhulwini futhi esasibeka sacaca esokuxoshwa kukaNada Wotshela njengenhloko yezomsakazo. Akanamava naziqu zalo msebenzi," kusho uMzwakhe.
U-Eugine uthe bebezoqhinqa egameni labanye abaculi abangazithola behlangabezana nesimo abakuso ngomculo wabo nokuzofuna izimpendulo ngezimfuno ababezenzile ezinyangeni ezedlule ngesikhathi bebhikisha phambi kwala mahovisi.
"Ingoba kuyacaca ukuthi ukwesekwa kwakungumbombayi futhi kwakuzanywa ukusivala umlomo ngokusithenga. Ngebhadi asigwazelwa." Uthe abazilweli bona kodwa balwela namanye amaciko. Lo mkhankaso wo-Eugine uze wasekwa nawunobhala wenyunyana yamaciko, iCreative Workers Union of SA (Cwusa), u-Aubrey Tshabalala, oze wabhalela isikhulu sakwaSABC esinxusa ukuba silalele izimfuno zikaMzwakhe no-Eugine.
"Njengoba bengilandela ezinkundleni zokuxhumana, ezinye zezikhalazo zabo ezithinta wonke umuntu kuzwelonke. Isibonelo; ukuvikelwa kwezilimi zesintu, ukugcinwa kwamasiko ethu nemibhalo yethu nokuba kunikezwe kakhulu imikhiqizo yakuleli. Ngicabanga ukuthi lezi yizikhalazo ezingu-ngqo. Ngihlela ukubajoyina ngezithuba zantambama uma lo mqhinqo wabo uqhubeka," kuphawula uTshabalala.
Oyisikhulu sakwaSABC, ophikweni lweCorporate Affairs and Marketing, uNksz Gugu Ntuli, uthe beyiSABC bayaziphika izinsolo ezenziwe wuMzwakhe no-Eugine.
"Bobabili laba baculi bathole ukwesekwa yiSABC muva nje. Ngakho izinsolo zabo ziyamangaza. Kumele kuqashelwe ukuthi umculo kufanele uthunyelwe ngokulandela imigudu efanele njengoba iziteshi zethelevishini zinamakomiti akhetha umculo ngokulandela imigomo," usho kanje.
Uthe iSABC iyacela emacikweni anenkinga ukuba alandele imigudu efanele ukudlulisa izikhalazo zawo. Okhulumela ungqongqoshe walo mnyango, uMasechaba Khumalo, akatholakalanga ukuba aphawule.