KUSAKHALWA nxazonke ngokudlula emhlabeni koqweqwe lukaphrojusa womculo, uMthandeni "Nqawe" Mvelase, wodumo kuMuvhango, Uzalo nakwiMbewu.
UMvelase (56) ushone esesibhedlela eThekwini ngoLwesine ekuseni emuva kokuphuthunyiswa khona exinwe wukugula okumqubukele enomngani wakhe emotweni ye-Uber. Udadewabo, uNksz Khululiwe Sithole, ucashunwe ethi uMvelase uqale ukukhala ngokuzabalaza ukuphefumula esemotweni. Uthe kwehliswe iwindi kodwa kwamhlanga zimuka nomoya, okuphoqe ukuba aphuthunyiswe esibhedlela. USipho Sithole ongumphathi wenkampani iNative Rhythms uthe indima yomculo ilahlekelwe ngelinye lamaqhawe ngenxa yamagalelo kaMvelase emidlalweni yethelevishini neyeshashalazi eminingi. Umculi wekwaito, uSbu Ntshangase, wodumo lwengoma ethi Amaloya, uthe wafundiswa futhi wakhuliswa nguMvelase emculweni ne-albhamu yakhe yokuqala waba nesandla kuyo. "Silahlekelwe kakhulu sonke emkhakheni wezamaciko ngokuhanjelwa yileli qhawe." Umdidiyeli omkhulu woMuvhango neMbewu, uDuma Ndlovu, uchaze uMvelase ngokuthi ubenekhono eliyisimanga kodwa ekhungethwe yizinkinga. "Eminyakeni embalwa eyedlule waba kwisehlukaniso esimbi nesamqeda amandla. Ngesikhathi sokufa ubengasenayo indawo yokuhlala." UNdlovu ukhalile ngokungalutholi usizo abeludinga uMvelase kodwa wathi bazomenzela umngcwabo onesithunzi esimfanele njengeqhawe. Inkakha yekwaito, uSandy B, ithe beyinaye uMvelase ngoLwesithathu ebukeka ewumqemane.
"Le ndoda beyiwumngani wami omkhulu, kusukela ngeminyaka yo-1990 esasebenza e-studio sikaNgema (Mbongeni). Ubungane bethu bugcine izolo. Ngingomunye owayemkhongela kanti siyomfaka obishini olumudle kwaze kwaba sekugcineni, kungasaphumeki," kusho uSandy B wodumo lwaMajovijovi. Umlingisi weMbewu, uThembi Mtshali-Jones uthe uphatheke kabuhlungu ngoba usebenze kaningi noMvelase eMarket Theatre.
Abanye abakhalile ngaleli qhawe nguWinnie Ntshaba, Winnie Khumalo noSandile Dlamini.
UMvelase wasebenza noLindelani Mkhize, Mbongeni Ngema, Joseph Shabalala, Shabalala Rhythm nezinye izingwazi. Udlule emhlabeni ebambe iqhaza kwiSarafina ekhonjiswa ePlayhouse, eThekwini kulezi zinsuku.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaziwa ukuthi uMvelase uzofihlwa nini.