’’ABANTU abayeke ukusaba amehlo abantu ngezimpilo zabo bagcine sebehlulwa nawukulanda iphilisi lamahhala emtholampilo.’’
Usho kanje uZodwa Wabantu, onyakazise iningi ezinkundleni zokuxhumana ngemva kokufaka kwakhe isithombe sama-ARV, wabe esebhala ukuthi “Niwaphuza ngasikhathisini amaMichael Jackson enu. Niyalisaba yini iphilisi noma nisaba abantu bazothini?”
Kwabaningi lokhu kubukeke sengathi uZodwa ubephumela obala ngokuphila kwakhe nesandulela ngculazi, yize engalibekanga ngembaba.
Ethintwa yiSolezwe ngoMgqibelo uZodwa uthe sekuyisikhathi sokuthi kukhulunywe ngezinto ezithinta intsha yakuleli, kunokuqhakambisa izimoto, utshwala nemizi ebizayo.
“Abantu kumele ngabe sebengijwayele ukuthi angiyena umuntu onezimfihlo futhi anginandaba nokuthi omunye umuntu uthini. Isinqumo sokukhuluma ngama-ARV ngisithathe emuva kokubona ukuthi baningi abantu abasacashile ngenxa yokusaba ukuthi kuzokhulunywa emiphakathini yabo,” usho kanje uZodwa.
Emuva kwalesi senzo sikaZodwa, baningi ababhoboke ngobunzima ababhekana nabo ngenxa yokukhishwa inyumbazane emphakathini yabo, abanye bemphendula ngokuthi bawadla ngasiphi isikhathi awabo amaphilisi.
Konke lokhu kususwe yisiqeshana esicashunwe ohlelweni lwethelevishini lwempilo kaZodwa, iZodwa Wabantu: Uncensored. Kulesi siqephu kwavela uZodwa ewa bepepenyeka ngesikebhe nokuyilapho kwasakazeka khona isikhwama sakhe, kwachitheka konke okwakusesikhwameni sakhe nokubalwa igobhozi lamaphilisi ama-ARVs.
Umbuzo obusematheni kwabaningi bekuwukuthi kungabe bekuwukuphumela kwakhe obala yini ngokuveza amaphilisi?
UZodwa uthe yonke le mibuzo abantu abanayo abangazixaki ngayo ngoba ayinamsebenzi walutho.
“Indoda yami ikwazi konke okumele ikwazi ngami. Inhloso yami ukuthi ngitshengise nabanye abantu ukuthi alikho ihlazo lokudla amaphilisi asindisa impilo yakho. Angisabi muntu mina ngempilo yami futhi yilokho okumele sigqugquzele nabanye kukona, ukuthi abazicabangele bona kunokubheka imibono yabanye abantu,” kusho yena.
Uthe ukuthi unalo noma cha igciwane akudokwe ligayelwe muntu.
“Abanye bebethi ngifuna ukuba sematheni ngalesi senzo sami kodwa anginandaba nalokho. Mina bengisebenzisa intuba ngendlela okuyiyo,” usho kanje
Uthe ufisa sengathi uhulumeni angeza kuyena basebenzisane emkhankasweni ethile, ukuze kukhuthazeke abaningi ngokubaluleka ngokudla imishanguzo.
“Izikhangiso zihlale zisho ukuthi akusetshenziswe amakhondomu kodwa baningi abangakwenzi lokho ngendlela esinamakhanda aqine ngayo! Kokunye kusuke kufuneka isibonelo ukuze bawuzwe kangcono lowo myalezo,” kusho uZodwa Wabantu.