BADINWA imbongi eveza ukuthi owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma wayengumholi oqotho kunabanye abaholi. UNtsiki Mazwai ubhale ekhasini lakhe kwiTwitter wathi noma abantu bangathini kodwa ubuholi bukaZuma yibona obahola ngobuqotho selokhu kwaba nentando yabantu.
"Noma ngabe awumthandi, ubuholi bukaJacob Zuma bahlinzeka abantu abamnyama abaningi. Kwaba ubuholi obusezingeni selokhu kwaba nentando yabantu," kusho uNtsiki.
Yila mazwi acike abantu abaningi baveza ukuthi ziningi izinto ezibhekwayo ngobuholi. Babodwa abakhwele badilika kuNtsiki bemsola ngokugxambukela ezintweni ezingamdingi. " Ngicela ugxile ekubeni imbongi noma yini le oyenzayo. Ukube uyibuka ngeso lezomnotho ngabe awusho kanje. Bheka ukuthi zakhula kangakanani izikweletu ngaleso sikhathi bese uyabuya uzosho okufanayo. Hlukana nokuthatha izinto ngenhliziyo kodwa zibuke ngeso elibanzi,"kusho uBig Nanu.
Ngaphandle kwakhe bakhona nabamsole ngokungazazi uNtsiki ngoba wake wamgxeka uZuma phambilini. "Wena, wawuphambili emkhankasweni owawulwa naye," kusho uLeno Ngwantlha. Yize kunjalo kodwa bakhona abambalwa abavumelana naye uNtsiki abathi yize uZuma abekwa amabala kodwa kukhona okuhle akwenzela abantu abamnyama. Le nkulumo mpikiswano isalokhu iqhubeke njalo ekhasini likaNtsiki.